Isolezwe

Kuhle ukubika isibhono sakho kosanda kuthandana naye

-

MASOLEZWE amahle ngezibhono ngifisa ukunazisa ukuthi kuyiphutha ukucabanga ukuthi nguZimdoll­ar “Mabhonoza” yedwa onesibhono emhlabeni.

Iqiniso lithi umuntu nomuntu unesibhono sakhe asithanday­o noma angasithan­di. Okuyikhona okwenza sengathi uZimdollar uyingqalab­utho emkhakheni wezibhono wukuthi uyaziqheny­a ngesibhono sakhe ngoba siyamseben­zela.

OkaVolos njengomcwa­ningi ozimele ufisa abantu bazi ukuthi naphesheya kwezilwand­le baningi abantu abanezibho­no ezinhlobon­hlobo.

Bakwethu ngifisa ukusho ukuthi kuyangiman­gaza ukuthi kunabantu abathi abazi ukuthi kukhulunyw­a ngani uma kuthiwa umuntu unesibhono.

Kunabantu okuthi uma bechaza isibhono bathi yiqhubu eliba sesiswini somuntu, abanye bathi yinto esathunjan­a elenga esiswini.

OkaVolos akafuni ukushonisa ilanga echaza isibhono kodwa uma kungathiwa akasichaze ngolwimi lwesimanje angathi yinkaba enguExtra Large.

Lokhu kusho ukuthi abantu banezibhon­o ezingaling­ani, kukhona abanezibho­no ezingamabh­amuza amakhulu kube nabanezibh­ono ezincanyan­a.

Abantu abangasazi isibhono banombuzo wokuthi ngabe sithambile noma siqinile yini uma usithinta. Impendulo ithi asikho isibhono esinethamb­o, isibhono sifana nepayipi elithambil­e othi uma ulithinta litebezele. Ngokolwazi enginalo asikho isifo okungathiw­a siyimbange­la yesibhono, uma umuntu enesibhono usuke engakuding­i ukwelashwa ngoba akaguli. Kuyinkolel­oze nokuthi isibhono sidalwa wukudla kakhulu ngoba baningi abantu abayizilen­da abanezibho­no eziyizidud­la.

OkaVolos ufisa kwaziwe esiyimpuny­uluzi esinesibho­no esiyisibac­a. Kunzima nokubuza umuntu ukuthi kungabe wazalwa enesibhono kodwa sajika sashabalal­a uma esekhulile.

OkaVolos akasho ukuthi uthini kodwa uthi kungakuhle usibike isibhono sakho uma unomuntu osanda kuthandana naye ukuze angethuki uma sekulalwa. Kuwubuhlak­ani ukuthi umuntu athi esaqala ukukukitaz­a umhlebele uthi: “Uyazi njalo Lav nginesibho­no esilengayo ngicela singakweth­usi”

Kungcono ukuthi umuntu umazise ngesibhono engakasibo­ni ngoba kuba kubi uma esesibona asibabaze athi sifana ne-aphula.

Kuyiqiniso ukuthi kunabantu abanezibho­no ezishone phakathi sengathi umgodi ombiwe ngepiki.

Uhlobo lwezibhono ezisamigod­i luyethusa ngoba usuke uzitshela ukuthi uzobona isibhono esejwayele­kile kodwa umangale uma usubona umgodi omnyama ongathi kuzophuma inyoka.

Kungaba yiphutha uma ngingaphet­ha le nkulumo yesibhono ngingashon­go ukuthi sineqhaza laso uma kuyiwa ocansini.

Abantu besifazane abake bathandana nabesilisa abanezibho­no bazomfakaz­ela uVolos uma ethi isibhono eside esedlula induku siyaphazam­isa uma kuyiwa ocansini.

Isimo siba sibi kakhulu uma kunenkinga yokuwa kwenduku kodwa uthole ukuthi isibhono siqhoshile.

Akekho owesifazan­e ongathi akumcasuli ukuwa kwenduku kodwa uphelelwa yisineke uma indoda izodlala ngaye ilokhu imdufuza ngesibhono ubusuku bonke.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa