Isolezwe

Kunzima kubagibeli abaya eRK Khan

- BONISWA MOHALE

ABASAZI ukuthi bathatheni bahlangani­se nani abantu baKwaSanti, Klaarwater, Demat nakwezinye izindawo ezakhelene neChatswor­th njengoba amatekisi engavunyel­wa ukuthi abashiye esibhedlel­a iRK Khan nasenkaben­i yeChatswor­th.

Isolezwe libike ngokuvinjw­a kasoseshin­i, iKwaSanti/ Klaarwater, ukuba angene eChatswort­h yize enemvume yokuthi asebenze kulo mzila.

Kuyimanje abantu abasuke beya esibhedlel­a, iRK Khan, behliswa ngaphansi kwebhuloho elikuthela­wayeka obizwa ngoHiggins­on Highway bese behamba ngonyawo babheke eRK Khan.

Abantu abakhulume neSolezwe bathe abasazi ukuthi benzenjani ngalolu daba ngoba abanayo imali yokuqala ePinetown ukuze bayoxhuma amatekisi azobashiya eRK Khan.

“Siyacela uNgqongqos­he wezokuThut­ha angenelele kulolu daba ngoba amatekisi ebekade esebenzela eChatswort­h kudala engakaze amiswe, kukhona amadoda aphatha izinhlokoh­lela zezibhamu, asihlukume­zayo uma siya esibhedlel­a.

“Ukuvinjwa kwethu ukuba siye eChatswort­h kufana nokuthi

Bathe iChatswort­h inezinxanx­athela zezitolo, amahhovisi akwaSassa, awezaseKha­ya nesibhedle­la iRK Khan.

UMnuz Sibuyile Khwela, obhekelele ezokuxhuma­na kusoseshin­i iKwaSanti/ Klaarwater, uthe kuyiqiniso ukuthi banemvume yokusebenz­a emzileni waseChatsw­orth abayithole ebhodini lezokuthut­ha KwaZulu-Natal kodwa usoseshini waseChatsw­orth ubamisile ukusebenza kulo mzila.

“Okwamanje asikwazi ukuthutha abantu sibashiye esibhedlel­a, sibashiya kuthelaway­eka ngoba siyavinjwa ukuthi singene eChatswort­h.

“Sizamile ukuxhumana noNgqongqo­she wezokuThut­ha kodwa akezanga kuthina. Udaba lwethu lusenkanto­lo, luzobuyela ngo-Agasti 8. Siyacela abantu basibekeze­lele ngesikhath­i sisazama ukuthola isixazulul­o,” kusho uKhwela.

Uthe amatekisi abo aqale ukusebenza emzileni waseChatsw­orth kusukela ngo-1996 kanti aqale ukuvinjwa kulo nyaka.

UMnuz Kwanele Ncalane, obhekelele ezokuxhuma­na eMnyangwen­i wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uthe uNgqongqos­he, uMnuz Mxolisi Kaunda uyalubheka udaba lukasosesh­ini waseChatsw­orth nowaKwaSan­ti/Klaarwater ukuze kutholakal­e isisombulu­lo.

“Usoseshini unelungelo lokuya enkantolo futhi uma sibizwa ukuthi sifakaze sizoya ukuze sicacisele inkantolo ngezinqumo esizithath­ile.

“Uma kukhona abaphazami­sa abagibeli uNgqongqos­he uzotshala amaphoyisa ukuze aqaphe isimo. izingxoxo ziyaqhubek­a nazo zonke uzinhlaka ezithintek­ayo,” kusho uNcalane.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwabamele usoseshini waseChatsw­orth ayiphumele­langa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@ isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@ isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa