Umdlali webhola usohlwini lwabantu abangakhokhi intela
UMDLALI weCape Town City, uTeko Tsholofelo Modise, uphakathi kwabakhokhi bentela abawu10 abahlawuliswe phakathi kukaR2 000 kuya kuR20 000 ngokungakhokhi intela.
Izolo iSouth African Revenue Service (SARS) ikuqinisekisile ukuthi uModise ubeboshwe nabanye abakhokhi bentela akade beziba iSARS ngesikhathi ibakhumbuza ukuthi abalethe imininingwane yabo yentela.
Abanye abakhokhi bentela abahlawuliswe noTeko ngoMnuz Anapurani Samson Joseph weTidal Investments CC esePort Shepstone, uMnuz Christopher John Fletcher, uMnuz Farhad Ebrahim Limalia we-Aquawood Linen CC eseThewini, uMnuz Kevin Trevor Benjamin Steele, uNkk Suzanna Magdalena Steele weThermo Dynamic Cooling Solutions CC eThekwini.
UMnuz Michael Sonnyboy Moloi, uNksz Regina Pulane weHappy Recordings and Transcriptions CC eseGoli, uMnuz Niraj Ramral weSPS Distributors Pty Ltd esePort Shepstone, uMnuz Pieter Yzelle Morrison weTaxkon Ficksburg (PTY)Ltd, uMnuz Sivalingam Govender omele iTrans SA eseThekwini, noMnuz Thinyane Duncan Leboea weQwaqwa Funeral Parlour CC
Esitatimendeni esithunyelwe nguMnuz Sandile Memela, obhekelele ezokuxhumana kwaSARS, uthe ngo-Ephreli basho ukuthi bazobashushisa abakhokhi bentela abangathumeli imininingwane yabo yize bekhunjuzwa njalo.
Kulesi sitatimende uthe uTeko nabanye abakhokhi bentela babekwe icala lokuphula umthetho wokukhokha intela ka-2011 balivuma bakhokha nenhlawulo.
Uveze ukuthi bakhiphe amasamanisi awu-35 kwabangayikhokhi intela.
Uthe awu-10 amacala aseshushisiwe nabantu bahlawula, awu-20 amacala ahlehlisiwe emuva kokuthi abakhokhi bentela bevele enkantolo.
Amanye amacala awu-24 athunyelwe emaphoyiseni ukuze kuqhubeke nophenyo, amanye awu-25 aphenywa wuphiko lwakaSARS olubhekelele ubugebengu, azodluliselwa kubashushisi uma sekutholakele bonke ubufakazi obudingekayo.
Imizamo yokuthola abasohlwini lwabangayikhokhi intela iphunzile njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengatholakali.