IBhange loMbuso litakula abadlelwe imali yiVBS
UMPHATHI weBhange loMbuso iSouth African Reserve Bank (SARB) uMnuz Lesetja Kganyago, umemezele ukuthi bonke abantu ababefake imali yabo eVBS Mutual Bank bazoyithola ngoJulayi 13, emabhange eNedbank.
Uthe abantu abazobhekelwa ngabafake imali efinyelela kuR100 000, bazovulelwa ama-akhawunti amasha eNedbank bese beqala ukuthola imali yabo.
“Abantu kufanele beze nemininingwane yabo ekhombisa ukuthi bebefaka imali eVBS, baphathe umazisi nencwadi enekheli lalapho behlala khona, ukuze bavulelwe ama-akhawunti amasha. Bazoyithola imali yabo. Futhi kufanele basayine namafomu azosho ukuthi ngeke besafuna ukunxeshezelwa yiVBS,” kusho uKganyago.
Uthe babeke eceleni uR365 million ukuze u-97% wamakhasimende angu-22 700 aseVBS uthole imali yawo.
“Umuntu angakhetha ukuqhubeka nokulondoloza imali yakhe eNedbank noma ayikhiphe ayifake kwelinye ibhange noma ayisebenzisele izidingo zakhe. Amagatsha aseVBS azoqhubeka nokuvulwa ukuze abanemibuzo baye kuwo. Imali ikhishwe yithina (SARB) ukuze abantu bakithi bathole imali yabo abebeyilondoloze eVBS,” kusho uKganyago.
Ucele abantu ukuthi babekezele ngoba ingqalasizinda yakwaNedbank izothikamezeka kancane uma isithola isibalo esengeziwe samakhasimende.
Omasipala nosomabhizinisi abafake imali engaphezu kukaR100 000 bazolinda ukuthi kuqoqwe izikweletu zaseVBS njengoba uKganyago ethe bazokhokhela abantu kuqala.
Uthe uphenyo olunzulu lokusebenza kwemali eVBS olwenziwa ngu-Adv Terry Mudau SC, luyaqhubeka.
“Omasipala ababefake imali bayazi ukuthi baphula umthetho, baqhubeka ngisho sesibaxwayisa.
Kufanele balinde siqoqe izikweletu ngoba sigxile kubantu bakithi ababefaka imali eVBS ngoba bengenawo amandla okuyifaka emabhange amakhulu. Sikhethe iNedbank inezindleko eziphansi nemikhiqizo yabantu bakithi efana nezitokofela nomasingcwabisane,” kusho uKganyago.
Phakathi komasipala abebelondoloze imali yabo eVBS kubalwa iVhembe, Fetakgomo Greater Tubatse‚ Lepelle-Nkumpi, Limpopo 345‚ Dr Ruth Segomotso Mompat, Mafikeng, Ephraim, Mogale‚ Makhado‚ Madibeng‚ Merefong, Elias Motsoaledi neDr JS Moroka.
Umlawuli weVBS uMnuz Anoosh Rooplal uthe wuR1.5 billion abasola ukuthi webiwa eVBS kodwa uphenyo lusaqhubeka, abathintekayo bazobekwa amacala.
Akathandanga ukudalula amagama asevelile ophenyweni. Uthe uma sebeqedile bazodlulisela umbiko kwiSARB nasezinhlakeni zomthetho.
Uthe kunabasebenzi abazodilizwa eVBS ngenxa yenkohlakalo ebiqhubeka khona.
UKganyago ugqugquzele abakweleta iVBS ukuthi baqhubeke nokukhokha izikweletu kuyona ngoba ukungakhokhi kuzokwenza bathathelwe izinyathelo zomthetho.
Abahlaziyi bezomnotho bathe okwenzeke eVBS kufanele kube yisifundo kubantu sokuthi imali ilondolozwe ezinkampanini ezinomlando wokulondoloza imali futhi ezilandela umthetho.
USolwazi Bonke Dumisa uthe iVBS ibiphethwe amaqola adumise ibhange ngokuboleka owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, imali okwakuthiwa uhlomule ngayo ngokungemthetho kulungiswa umuzi wakhe.
“Omasipala baxwayiswa ukuthi bangalondolozi imali yabo eVBS kodwa baqhubeka ngenkani yabo. Angiyiboni iVBS ivuka emuva kwalesi simo. Kodwa abantu bakithi kufanele baqaphele ukuthi imali bayifakaphi futhi babuze uma bezwa amahlebezi ngezinkampani abalondoloze kuzo,” kusho uDumisa.
Esinye isazi somnotho uMnuz Dawie Roodt we-Efficient Group, sithe iSARB ibhekele abantu abafake imali engaphansi kukaR100 000 ukuze bangasali bencela izithupha njengoba kwebiwe imali eVBS.
Uthe omasipala abafake imali eVBS kufanele bajeziswe ngoba lokhu kuzophazamisa ukuthunyelwa kwezidingo.
“Ukuwa kwamabhange yinto eyenzekayo emhlabeni jikelele kodwa siyajabula ukuthi iBhange loMbuso lizobhekela abantu bakithi abebezosala bencela izithupha ,” kusho uRoodt.