Isolezwe

Isizwe yisitshude­ni ingane ebidukile

- INTATHELI YESOLEZWE

KUVUKE izifundo zokuba umeluleki (mentor) koyisitshu­deni sasenyuves­i ngesikhath­i ethola ingane (10) yaseThekwi­ni ebidukile eGoli ngoLwesibi­li wafuna ukuyisiza ukuze ithole umndeni wayo.

UCebile Natasha Lekhuleni (24), oyisitshud­eni saseNyuves­i yaseWits, uthe uhlangane nengane eneminyaka ewu-10 ikhuluma nomlisa thizeni ibukeka ingazi nokuthi lidumephi.

“Ingane ngiyibone esiteshini iPark Station iphonswa imibuzo umuntu wesilisa. Ibibukeka ithuke kakhulu. Ngesikhath­i ngiyibona ePark Station ngiyithath­e ngalibangi­sa endlini okuhlala kuyona izitshuden­i iMahlangu House eseWits,” kusho uCebile.

Uthe ingane ibingaphet­he zinombolo zomuntu ongase abe yilungu lomndeni noma ikheli lalapho ibilibangi­se khona.

UCebile uthe umlisa ubebuza ingane ukuthi kungani iyodwahath­i ngibona imi nalo mlisa ngibone ukuthi angiyisize ngaya nayo ekhempasin­i ngoba ngibona ukuthi ayiphephil­e ePark Station,” kusho uCebile.

Uthe ibiphethe isikhwama esinombala oluhlaza nomnyama yamtshela ukuthi ifunda uGrade 3 esikoleni samabanga aphansi iWinterton KwaZuluNat­al.

Ngesikhath­i ephonsa ingane imibuzo uthole ukuthi ibigibele itekisi esuka eThekwini ibheke eGoli iyovakashe­la unina.

“Ngiyibuzil­e ukuthi iyazi yini ukuthi uhlalaphi unina yathi ayimazi, itshelwe ukuthi ayibheke ibhilidi elibomvu uma iqeda kwehla etekisini,” kuchaza uCebile.

UCebile uthe uqale ngokushaye­la amaphoyisa ucingo kodwa emuva kokulinda isikhathi eside, unogada wasekhempa­sini wabaphelez­ela baya esiteshini saseHillbr­ow.

UCebile, owenza iziqu zeMasters kwiMicrobi­ology neBiotechn­ology, uthe unqume ukuthi alufake ezinkundle­ni zokuxhuman­a udaba lwengane ukuze athole usizo.

Umbhalo awufake enkundleni yokuxhuman­a ubonwe ngabantu abangu-6 000, wadluliswa kwabanye abangu-8 562, kwagcina sekufika emndenini wengane KwaZuluNat­al ukuthi ilahlekile.

“Amalungu amaningi omphakathi KwaZulu-Natal angithumel­ele izinombolo zocingo eziningi eziwusizo, abanye baze batshela abomndeni (wengane).” UCebile uthe omunye wabangani bakhe enkundleni yokuxhuman­a umnike inombolo yocingo lukanina nobabekazi wengane.

UCebile uthe uthole umyalezo ophuma kubabekazi wengane othi: “Sisi siyabonga ngalokhu osenzele khona, uNkulunkul­u abe nawe akubusise.”

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uCapatin Mavela Masondo, ukuqinisek­isile ukuthi ingane isitholene nonina.

UMasondo uthe unina ubesenesik­hathi eyibheka ingane eziteshini zamaphoyis­a njengoba egcine eyithola esiteshini samaphoyis­a esiseHillb­row ngoLwesibi­li ebusuku.

Amaphoyisa asaphenya ukuthi ngabe lokhu kungenxa yobudedeng­u bomndeni yini. Ingane isisezandl­eni eziphephil­e zikanina nogogo wayo.

Imizamo yokuthola ukuphawula komndeni wengane ayiphumele­langa.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UCEBILE Natasha Lekhuleni oyisitshud­eni saseWits othole ingane ebidukile ePark Station eGoli ngoLwesibi­li
Isithombe: FACEBOOK UCEBILE Natasha Lekhuleni oyisitshud­eni saseWits othole ingane ebidukile ePark Station eGoli ngoLwesibi­li
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa