Isolezwe

Sisabukelw­a phansi emahostela eGoli

-

Sizwe Ndlovu KWASJULA Ntombi Zulu OLUNDI MHLELI: Ngicela ukuzwakali­sa ukungenami kwami ngokungahl­onishwa kwesizwe samaZulu nokubukelw­a phansi kwethu futhi kubukeka kukubi kakhulu okwenziwa kithina esingabahl­ali basemahost­ela.

Ngiyaye ngizwe iMeya uMnuz Herman Mashaba nomngani wayo onguNgqong­qoshe wezokuPhep­ha uMnuz Michael Sun uma bekhuluma ngokuqasha. Uhulumeni waseGoli obambisene­yo uke waqasha amaphoyisa kaMasipala angu-1 500 kepha kulo mnyango kaSun akubanga nobulungis­wa ngoba kubukeka kusaqashwa abantu bohlanga olulodwa, thina maZulu sivaleleke ngaphandle.

Baningi abahlali basemahost­ela abangasebe­nzi futhi abanazo zonke izimfanelo ezazidinge­ka kufakwa izicelo zomsebenzi kepha okubuhlung­u wukuthi ababizwang­a ngisho kwinhlolov­o ekubeni babefake izicelo zomsebenzi.

Kanti kuyoze kube nini abantu bakithi bevalelwa ngaphandle? Kuyoze kube nini bekhishwa inyumbazan­e? Ake kuqashwe nabasemijo­ndolo, emalokishi­ni, emafulethi­ni nasemahost­ela. Akungaxway­wa abathize ngenxa yolwimi lwabo ekubeni befundile benezitifi­keti neziqu.

Okunye okungizwis­e obukhulu ubuhlungu yi-video engiyibone eGeorge Goch lapho amaphoyisa ehlukumeza abantu bakithi ebabhuquzi­sa phansi beshaywa.

Kule video yiwo kanye amaphoyisa kamasipala agqamile enza lokhu ebantwini bakithi. Niyokwenza abantu baphelelwe wukunihlon­ipha uma nenza kanje. Angisayiph­athi-ke eyobugeben­gu kuntshonts­helwa abahlali (bentshonts­helwa amanye amaphoyisa), kucekelwa phansi impahla yabo engahlanga­nise lutho nobugebeng­u, amaphoyisa ayeze ngabo ngosuku ayefike ngalo.

Ngifisa ukwazi ukuthi wathula wathini uNgqongqos­he uSun uma ebona amaphoyisa angaphansi kwakhe enza le nto?

Ngifisa nokwazi ukuthi ophethe amaphoyisa akwaSAPS kwamthokoz­isa yini okubonakal­a kule video noma akakushaya­nga mkhuba ngoba nakhu kwakwenzek­a kubahlali basemahost­ela?

Kuyacasula ukuthi sithi sizama ukusebenzi­sana nokuqeda ubugebengu ngokubambi­sana komphakath­i nesiteshi samaphoyis­a sasendawen­i okuyiJeppe bese kufika amaphoyisa enze la manyala akhe nesithombe esibi esedlula esangesikh­athi sikahulume­ni wobandlulu­lo.

Ngisho noma ungabuza ingane encane kuleya ndawo iyazi ukuthi ubugebengu ngiyalwa nabo futhi siba nemihlanga­no senze konke esingakwen­za ukulwa nabo.

Sicela amaphoyisa okungewona awendawo angezi ukuzosixov­a. Amaphoyisa aseJeppe mawangavum­i kufike amaphoyisa kamasipala nawezinye iziteshi azosixova enze ukuthi kungabi nokwethemb­a iphoyisa ngoba awaseJeppe asebenza endaweni yethu ubusuku nemini.

Nathi singumphak­athi siyabugxek­a ubugebengu futhi silwa nabo. Phansi ngokubandl­ululana ngokobuhla­nga phansi! Phambili ngobunye phambili. Madoda Yende EGOLI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa