Sisabukelwa phansi emahostela eGoli
Sizwe Ndlovu KWASJULA Ntombi Zulu OLUNDI MHLELI: Ngicela ukuzwakalisa ukungenami kwami ngokungahlonishwa kwesizwe samaZulu nokubukelwa phansi kwethu futhi kubukeka kukubi kakhulu okwenziwa kithina esingabahlali basemahostela.
Ngiyaye ngizwe iMeya uMnuz Herman Mashaba nomngani wayo onguNgqongqoshe wezokuPhepha uMnuz Michael Sun uma bekhuluma ngokuqasha. Uhulumeni waseGoli obambiseneyo uke waqasha amaphoyisa kaMasipala angu-1 500 kepha kulo mnyango kaSun akubanga nobulungiswa ngoba kubukeka kusaqashwa abantu bohlanga olulodwa, thina maZulu sivaleleke ngaphandle.
Baningi abahlali basemahostela abangasebenzi futhi abanazo zonke izimfanelo ezazidingeka kufakwa izicelo zomsebenzi kepha okubuhlungu wukuthi ababizwanga ngisho kwinhlolovo ekubeni babefake izicelo zomsebenzi.
Kanti kuyoze kube nini abantu bakithi bevalelwa ngaphandle? Kuyoze kube nini bekhishwa inyumbazane? Ake kuqashwe nabasemijondolo, emalokishini, emafulethini nasemahostela. Akungaxwaywa abathize ngenxa yolwimi lwabo ekubeni befundile benezitifiketi neziqu.
Okunye okungizwise obukhulu ubuhlungu yi-video engiyibone eGeorge Goch lapho amaphoyisa ehlukumeza abantu bakithi ebabhuquzisa phansi beshaywa.
Kule video yiwo kanye amaphoyisa kamasipala agqamile enza lokhu ebantwini bakithi. Niyokwenza abantu baphelelwe wukunihlonipha uma nenza kanje. Angisayiphathi-ke eyobugebengu kuntshontshelwa abahlali (bentshontshelwa amanye amaphoyisa), kucekelwa phansi impahla yabo engahlanganise lutho nobugebengu, amaphoyisa ayeze ngabo ngosuku ayefike ngalo.
Ngifisa ukwazi ukuthi wathula wathini uNgqongqoshe uSun uma ebona amaphoyisa angaphansi kwakhe enza le nto?
Ngifisa nokwazi ukuthi ophethe amaphoyisa akwaSAPS kwamthokozisa yini okubonakala kule video noma akakushayanga mkhuba ngoba nakhu kwakwenzeka kubahlali basemahostela?
Kuyacasula ukuthi sithi sizama ukusebenzisana nokuqeda ubugebengu ngokubambisana komphakathi nesiteshi samaphoyisa sasendaweni okuyiJeppe bese kufika amaphoyisa enze la manyala akhe nesithombe esibi esedlula esangesikhathi sikahulumeni wobandlululo.
Ngisho noma ungabuza ingane encane kuleya ndawo iyazi ukuthi ubugebengu ngiyalwa nabo futhi siba nemihlangano senze konke esingakwenza ukulwa nabo.
Sicela amaphoyisa okungewona awendawo angezi ukuzosixova. Amaphoyisa aseJeppe mawangavumi kufike amaphoyisa kamasipala nawezinye iziteshi azosixova enze ukuthi kungabi nokwethemba iphoyisa ngoba awaseJeppe asebenza endaweni yethu ubusuku nemini.
Nathi singumphakathi siyabugxeka ubugebengu futhi silwa nabo. Phansi ngokubandlululana ngokobuhlanga phansi! Phambili ngobunye phambili. Madoda Yende EGOLI