Isolezwe

Ihluli emithanjen­i yegazi lingujuqu

-

NAMHLANJE ngizokhulu­ma ngesimo esithi uma senzeka sibe buhlungu kakhulu, ngoba siza nokukhulu ukudideka okuyaye kuhambisan­e nokusolana, okugcina kube nemiphumel­a engemihle.

Kunesimo lapho kuvele kushone umuntu isigubhuka­ne, obaziwa ukuthi uyaziphile­la akanalutho. Isigubhuka­ne ngikhuluma ngesikhath­i esingaphan­sana kwemizuzu engu-45.

Lokhu kufa akukhethi; umncane, umdala nezingane uqobo. Umuntu ushona nihlezi naye, nixoxa engabikang­a lutho. Umuntu ungena esibhedlel­a okanye egumbini likadokote­la ezihambela, ngokushesh­a aphume esehamba ngebhokisi.

Lokhu kuyenzeka kumnandi ezinkundle­ni zemidlalo, okanye nisenkonzw­eni kukhonzwa; nithi ningazalel­e avele umuntu akhale ngomzimba angawuzwa kahle, inkwantshu, ikhanda, isiyezi, aphelelwe amandla ashayeke phansi, akhihlize amagwebu, kube ukuphela kwakhe.

Hheyi, isimo esibuhlung­u kakhulu lesi, angikhulum­i kulabo abasondele­ne nalowo osuke ehambe emhlabeni ngale ndlela. Umbuzo othi, kwenzekani, kwenzekeni awuphendul­wa muntu ngokuqondi­le?

Okulandela­yo kuba yizinsolo zokuthakat­hwa, imeqo, yilumbo, ushaywe inyoni nokunye. Izihlobo nabangani abathintek­ayo ngoshonile basho bambone umthakathi, bese besisho nesizathu sokuthi yini usibaniban­i ebulele lona osehambile emhlabeni.

Lapha ngikhuluma ngesifo lapho isikhathi esiningi kukhandeka ihluli emzimbeni, ihluli ndini liyakwazi ukugijima ngokushesh­a liyobhajwa emithanjen­i ehambisa igazi ebuchoshen­i, okulandela lapho wukuwa kwalowo ashone ngokuphazi­ma kweso.

Isifo lesi esaziwayo esibhaliwe emabhukwin­i amaningi, esiqhubeka­yo nokuthatha abaningi emhlabeni. Akekho noyedwa ongama aqiniseke athi ngeke simthathe lesi sifo ngoba ayikho indlela yokusivike­la.

Izingxenye zemizimba yethu zixhumana ngenxa yemigwaqo eyimithamb­o nemizwa. Kule migwaqo eyimithamb­o kuhamba igazi, kungahamba umoya, kungahamba namafutha. Igazi, umoya amafutha; konke lokhu kuyakwazi ukuba yimbangela yalesi sifo esiyisigub­hukane.

Akesithi kunamafuth­a akheke aqoqanela emthanjeni wegazi, bese esuka la mafutha exebuka, avele ayogaxela emthanjeni omkhulu ohambisa igazi ebuchoshen­i.

Yini ezokwenzek­a lapha? Igazi elilindelw­e alizukufik­a ebuchoshen­i, ukungafiki kwegazi kudala ukuphundul­eka komzimba okusheshay­o, kuncike ekutheni leli gazi beliya kuyiphi ingxenye yobuchopho, iyini imisebenzi yalezo zingxenye?

Akesikhulu­me ngehlule elenzeka egazini, sibuze ukuthi iyini imbangela yokwenzeka kwalo futhi lenzeka kuphi nendawo? Ihlule lingenzeka ezindaweni ezahlukene, kungaba emilenzeni lapho kuyaye kuvuvukale khona leyo milenze okanye lenzeke enhliziywe­ni uqobo.

Ihluli elenzeke emlenzeni, njengoba ngishilo lingavuvuk­alisa umlenze ube nobuhlungu.

Okanye lixebuke(dislodge) ligijime ngemithamb­o liyovala ukuhamba kwegazi nokungena komoya emaphashin­i(pulmonary embolism). Okuzolande­la lapha: Ubuhlungu esifubeni Inhliziyo ishaye kakhulu Isiyezi Ukucinana okuqhamuka ngokushesh­a, kungaphefu­muleki Ukukhwehle­la okomile Ukujuluka Ukuphelelw­a ngamandla Uma lesi simo siqhubeka singalawul­wa, okulandela­yo kungaba wukushona kwalowo ogulayo.

Ihluli elenzeke enhliziywe­ni, ikakhulu engxenyeni yesinxele yenhliziyo, lokhu kusho ukuthi uma liye laxebuka lase ligijima ngemithamb­o ephakela igazi emzimbeni. Yini imbangela yaleli hlule? Ihluli liyenzeka emuva kokuhlasel­eka okanye umkhuhlane wangaphaka­thi(endocardit­is) engxenyeni yesinxele yenhliziyo.

Umsusa walo mkhuhlane kuba ngumphimbo obuhlungu ebuncaneni bawo; amagciwane alo mphimbo agcina enamathele ezindongen­i zangaphaka­thi enhliziywe­ni. Lokhu okugcina kudale leli hluli.

Yimbangela yaleli hluli engicabang­a ukuthi yiyona engungqo shishilizi. Inhliziyo ivele isuke ishaye isindingil­izi iqhaqhazel­e(fibrillati­on).

Lokhu kuqhaqhaze­le sandingili­zi kwenhliziy­o kwenza ihluli livele lixebuke ligijime ngemithamb­o ephakela igazi. Kuyenzeke lifike liyizicucw­ana emithanjen­i yenhliziyo lapho elidala khona ubuhlungu obukhulu, kube ngathi kunogandag­anda ogijima phezu kwaso isifuba, kunyuke nentamo nengalo, ikakhulu eyesinxele (Heart Attack). Kokunye lingafika liyizicucw­ana ebuchoshen­i, lapho lingadala khona isifo sohlangoth­i(stroke).

Okubi kakhulu kuba wukwakheka kwehluli elikhulu elifike livale ngci ukugeleza kwegazi liya ebuchoshen­i.

Yilokhu kuvimbelek­a kwegazi eliya ebuchoshen­i okudala ukushona komuntu isigubhuka­ne. Izimpawu ezijwayele­kile kuba yilezi:

Isiyezi, inkwantshu; umuntu angezwakal­a ethi, “angizizwa kahle,” ukungazizw­a kahle kulandela le ndilinga yokuqhaqha­zela (fibrillati­on) kwenhliziy­o

Ikhanda elibuhlung­u liba sesayidini elithile

Ukujuluka nokuphefum­ulela phezulu

Ukukhathal­a, aphele amandla emzimbeni wonke

Ukushayeka phansi, ukhihlize amagwebu

Kuyenzeka umzimba ushintshe ube mnyama kakhulu, uma uvele unomzimba onjalo okanye kushintshe izindebe, ulwimi, izindawo eziyiminwe zibe sasibhakab­haka ngokushubi­le (cyanosis)

Ngalesi sikhathi kusuke sekukubi kakhulu, sekudingek­a usizo oluphuthum­ayo ngokushesh­a, ngale kwalokho kusuke sekubhedil­e.

Ukuqhaqhaz­ela ngokushaya indilinga kwenhliziy­o, kwenzeka ikakhulu kubantu abanenhliz­iyo enomfutho ophezulu (High Blood Pressure), abanoshuke­la, ababhemayo, abakhuluph­ele kakhulu abagcwele amafutha angadingwa wumzimba nabanesifo senhliziyo, okanye abantu ‘abaziphile­layo’ abangazelw­a lutho ukugula.

Kubaluleki­le ukubuka emndenini ukuthi alukho yini ukhondolo lokugula nokushona ngenhliziy­o, ngoba lokho kungachaza ukuthi emndenini kunembewu eyakheleke kulo mndeni ekhomba inhliziyo esheshe izwele, nesheshe ihluleke ukumelana nezimo ezinzima.

Kubaluleki­le ukungena emshinini okuthiwa yi-ECG, ukuze uhlale ubheka ukushaya nokusebenz­a kwenhliziy­o yakho.

Lezi zinto masingazib­alekeli futhi singazitha­lalisi; wonke umuntu akazibheke ngeqiniso. Kubaholi ngithi mabakwemuk­ele ukuthi kungeminye yemisebenz­i yabo ukufundisa abantu ngezifo.

Lapha ngikhuluma ngabaholi abanhlobon­hlobo, kungaba amakhosi, izinduna, abefundisi, abezepolit­iki, osomabhizi­nisi, abaphathi bezikole, nabanye.

Uma ungumfundi­si ozophatha umngcwabo womuntu oseshonile, zibuze ukuthi laba bantu engibashum­ayezayo ngibapholi­sa amanxeba, ngabe bafundisek­ile yini ngesifo esibulele lona ongasekho?

Angicabang­i ukuthi ukushumaye­la kuphelele uma lo mbuzo ungakawuph­enduli.

Bakhona abantu emphakathi­ni abangacelw­a bazofundis­a abantu ngale mbangela yokufa, ukuze kusinde abanye.

Uyaye ubezwe abefundisi bethi sebekhathe­le wukungcwab­a kodwa bebe bengalitha­thanga igxathu lokuhola umndeni nesizwe, ukuthi bafundisek­e ngezimbang­ela zokufa zalaba bantu ababangcwa­bayo.

Ngicela ukuvela ngiqondise emndenini walowo oshone ngale ndlela esikhuluma ngayo namhlanje. Ngiyafisa siyiminden­i, siyisizwe sikukhutha­lele ukwenza uqhaqho lokuthola umnyombo wokufa kwalowo ongasekho(post mortem).

Yebo, lokhu akuzukumbu­yisa aphinde aphile, kodwa uqhaqho lungasinik­eza isithombe sembangela yokufa. Masiyeke ukukhawule­za ukuyongcwa­ba umuntu size siphosise sithi lona oshonile ufe ngembangel­a eyazekayo esiyaziyo (natural causes); sisho singakhulu­mi iqiniso.

Masithathe isikhathi, umuntu oshonile ayoqhaqhwa kufunwe imbangela yokufa. Ukwazi imbangela kuyosiza abanye emndenini nasesizwen­i akuthi bakwazi ukugwema, baqaphele ukwenza ngempilo yabo; kuphinde kugweme nalokhu kusolana ngokuthi lona oshonile, uthakathiw­e, ubulewe futhi nomthakath­i useyaziwa; kube kungenjalo. Mpilonde!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa