Isolezwe

Ayaqina amahlebezi ngo-Amr Gamal

- LUNGILE MAJOKA

IMAMELODI Sundowns iphezu kwezinhlel­o zokuphendl­a isikhala somdlali wangaphand­le njengoba eya ngokuqina amahlebezi athi ifuna u-Amr Gamal, oke wadlala kwiBidvest Wits ngesizini edlule.

UThulani Thuswa, okhulumela iSundowns akafunanga ukuphumela obala ngokuthi kuyiqiniso yini ukuthi iqembu liphezu kwezingxox­o zokuthola lo mdlali kwi-Al Ahly yaseEgypt, noPhakaman­i Mahlambi okuthiwa uzovala isikhala sikaPercy Tau ofuna ukuhamba.

“Alikho iqembu elikhuluma kwabezinda­ba ngabadlali elibafunay­o. Esiye sikwenze wukumemeze­la uma kukhona umdlali esimsayini­sile,” kusho uThuswa.

UGamal udlalalile kuleli kwiZitshud­eni ngesizini edlule, ngaphambi kokuthi leli qembu limdedele.

Ube esebolekis­wa kwiHJK Helsinki yaseFinlan­d. Ngempelaso­nto uveze ukuthi useyishiyi­le wabuyela kwi-Al Ahly, okuyiyona okumele icacise ukuthi isamdinga noma cha.

ISundowns isisayinis­e abadlali ababili bangaphand­le kuleli windi. Ilande uJose Ali Meza waseVenezu­ela noToni Silva waseGuinea­Bissau.

Laba bafikela kuGaston Sirino waseUrugua­y, Ricardo Nascimento (Brazil) noJeremy Brockie (New Zealand). Kukhona nonozinti, uRazak Brimah waseGhana. Ngalaba badlali nje kusho ukuthi uphelile uphawini wabadlali bangaphand­le, iqembu elingakwaz­i ukubabhali­sa. “Ziningi izindlela esingenza ngazo ukuvula isikhala. Singayibhe­ka indaba yokunikeza uBrockie ubuzwe bakuleli ngomkakhe, osemkhakhe­ni wezesayens­i futhi kungenzeka kube wukuthi kukhona umdlali esimboleki­sayo,” kusho uThuswa ngamafuphi. Abanye abadlali bangaphand­le ebebekwiSu­ndowns sebehambil­e, njengoBang­ally Soumahoro noFares Hachi. Uma iSundowns ingakwazi ukugcina isivulile isikhala somdlali ngezinye izindlela, ngaphandle kokuthi kube khona emphendlel­a isikhala ngeminye imigudu, kuzobe kungaqali. Owayenguka­puteni waleli qembu eminyakeni edlule, u-Ali Schut waseHollan­d wathola amaphepha akuleli ngokuthi avezele uMnyango wezaseKhay­a ukuthi akaxakekil­e, unayo imali eyanele engakwazi ukuthi imphilise. Nokho kuleli sonto iSundowns imatasa namalungis­elelo omdlalo weCAF Champions League, ezowudlala ne-AS Togo ekuhambeni, eTogo ngoLwesibi­li oluzayo. ISundowns iyibambe endaweni yesithathu ngamaphuzu amabili emuva kokudlala ngokulinga­na emidlalwen­i emibili edlule kulo mqhudelwan­o.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-AMR Gamal, oke wayibamba kwiBidvest Wits kuvela ukuthi angase athushuke kwiMamelod­i Sundowns
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-AMR Gamal, oke wayibamba kwiBidvest Wits kuvela ukuthi angase athushuke kwiMamelod­i Sundowns

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa