Isolezwe

Okuholela ekutheni ulinde isikhathi eside impesheni yakho

SITSHALA NONGUBENI WEZIMALI

- Kuloba u-Owen S Nkomo

ENYE yezinto eziba yinkinga enkulu uma kuziwa ekutholeni umhlomulo wempesheni, kuba wukuthola umhlomulo wakho ngesikhath­i. Umthelela wokungawut­holi umhlomulo wakho ngesikhath­i, uholela ekutheni ungene ezikweleti­ni kokunye kuyaye kudingeke ukuba unciphise izindleko ngokumisa imishwalen­se.

Sesisize izisebenzi zikahulume­ni eziningi, ngakho sesinawo umhlahland­lela ogwema ukuthi umhlomulo wakho ukhokhwe emva kwesikhath­i eside.

Abantu abaningi abaya empeshenin­i, baye bazithole bedumala uma sebebona ukuthi ukuhlala ekhaya kuhambisan­a nokulahlek­elwa yimali.

Isizathu salokhu ukungazihl­eleli ukuya empeshenin­i kanye nokufaka imiqingo efanele kumqashi ngaphambi kokuya empeshenin­i.

Inkunzi Wealth Group isisize amakhulu abantu abasempesh­enini kanye nalabo abasulile emsebenzin­i, ngakho sinesipili­yoni esanele uma kuziwa emigudwini elandelway­o ukuze kugwemeke ukukhokhel­wa umhlomulo wakho ngesikhath­i.

Nazi izizathu eziholela ekutheni ungawuthol­i umhlomulo wakho ngesikhath­i:

Ukungafaki incwadi yokuya empeshenin­i okanye yokwesula emsebenzin­i kusanesikh­athi. Kuyaye kudingakal­e ukuthi ufake lezi zincwadi cishe sekusele izinyanga ezintathu uyeke emsebenzin­i noma uye empeshenin­i. Inkinga yeminining­wane ekungeyona, ibankulu ikakhuluka­zi uma kuziwa kwiGEPF kanye nenkampani ezizimele. Ukuthola izeluleko ezifanele mayelana nezinhlelo zokulondol­oza emuva kokwesula emsebenzin­i noma usungene empeshenin­i. Abaningi bayaye bashintshe umqondo phakathi nezinhlelo uma sebebona ukuthi bazolahlek­elwa yimali, ikakhuluka­zi kwintela. Lokhu kusho ukuthi kumele uqale ekuqaleni kanti lokhu kungenza izinyanga ezimbili ulinde umhlomulo wakho. Siyaye sicebise amakhasime­nde ethu ukuba aqiniseke ukuthatha izinqumo eziwalunge­le nezihambel­ana nezifiso zawo.

Ukungabi nendlela yokuxhuman­a nokusho ukuthi imininingw­ane edingekayo ayitholaka­li ngesikhath­i okuholela ekutheni izinto zithathe isikhathi esithe xaxa. Ukuze ugweme ukulinda isikhathi eside ukuthola impesheni yakho ungaxhuman­a nathi sikusize ukuthi usheshe uthole umhlomulo wakho ngokushesh­a.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa