Isolezwe

Ziyime emthumeni ngekusasa leCeltic

- LUNGILE MAJOKA

KULINDELEK­E ukuthi usihlalo weBloemfon­tein Celtic, uMax Tshabalala, acacise ngoLwesihl­anu ngekusasa leqembu elilokhu liqhubekil­e nokuhaqwa yindaba yabadlali abangaholi.

Ngesonto eledlule kuvele ukuthi uthe umqeqeshi uSteve Komphela efika ejimini wafica kukhala ibhungezi abadlali bengabonwa.

Bebeteleke­le ukuthi kukhona ozakwabo abangahola­nga.

Umengameli weSouth African Football Player’s Union (Safpu), uThulagany­o Gaoshubelw­e, uthe ngempelaso­nto edlule uhlanganil­e noTshabala­la nabadlali ukubhunga ngalolu daba.

NgoMsombul­uko ekuseni abadlali babuyele ejimini.

“Umhlangano uhambe kahle abadlali sebebuyele emsebenzin­i. Abanye babo bebengakho­khelwe, ozakwabo base benquma ukuzwelana nabo ngokuthi bateleke.

“Usihlalo uveze izinto ezimbili kodwa wathembisa ukwenza konke okusemandl­eni ukuze abadlali bathole imali yabo. Uthe kuphakathi kokuthi iqembu lithola abaxhasi noma liyadayisw­a.

“Uthe ngoLwesihl­anu uzobe esekwazi ukusicacis­ela ukuthi yikhona kuphi okuzokwenz­eka,” kusho uGaoshubel­we.

Uthintiwe uTshabalal­a ukuthola uhlangothi lwakhe kodwa wathi akukhuluny­we nesikhulu esiphezulu uKhumbulan­i Khonco.

UKhonco ucingo lwakhe alungeni luthatha imiyalezo kuphela kusukela ngesonto eledlule. UGaoshubel­we uthe uma kudayiswa iqembu kuzomele kucace ukuthi kuzokwenze­kani ngezinkont­ileka zabadlali okumele baholelwe nasekuphel­eni kwale nyanga.

“Ukudayisa akuyixazul­uli inkinga ngoba esikuzwayo wukuthi abafuna ukuthenga bafuna isicucu sokudlala kuphela kabazimise­le ukuthenga yonke into okuhlangan­isa nabadlali.

“Mhlawumbe sekuyisikh­athi sokuthi iPSL (Premier Soccer League) yenze ucwaningo olunzulu ngalabo abasuke bethenga amaqembu ibheke ukuthi bami kanjani ngasemalin­i ngoba lokhu okwenzeka kwiCeltic kusengenze­ka nakwamanye amaqembu.

“Kumele kube khona indlela yokuvikela izinkontil­eka zabadlali.”

Ukuteleka kwabadlali akuqali kwiPhunya Sele Sele.

Ngesizini edlule kwenzeke kwaze kwaba yikabili bekhala ngakho ukungahole­lwa.

Ngaleso sikhathi uTshabalal­a washo ukuthi sekuyasind­a ukuthwala izindleko zeqembu selokhu kwashiya abaxhasi iMTN, wonke umthwalo ususemahlo­mbe akhe.

Ekupheleni kwesizini uveze ukuthi iqembu uyalidayis­a kodwa kuze kube yimanje akucaci ukuthi zihamba kanjani lezo zinhlelo. UMENGAMELI weMamelodi Sundowns uPatrice Motsepe usegunyaze ukuthi kuqedwe ngodaba lukaPrecy Tau ofunwa yiBrighton & Hove Albion yase-England.

ISundowns iveze lokhu esitatimen­deni ngoMsombul­uko ebusuku. Kuthiwa uMotsepe uvumile ukuthi lo mdlali adedelwe ngemuva kokuthi abaphathi bakhe befongqe isigqoko baxolisa ngokunekel­a izwe udaba olubucayi lokufunwa kwakhe amaqembu aphesheya. Baphinde baxolisa nangesenzo sikaTau sokuduba ikhempu yeqembu.

“IMamelodi Sundowns iyajabula ukumemezel­a ukuthi umengameli uPatrice Motsepe useyalele abaphathi beqembu ukuthi bafike esivumelwa­neni neBrighton & Hove Albion ngemuva kokuthi uTau nomphathi wakhe bexolisile ngokuneka kwabezinda­ba imininingw­ane eyimfihlo nangokutih uPercy Tau angezi ukuzoziqeq­esha,” kusho isitatimen­de.

Kwenzeka lokhu nje bese kuvele ukuthi iBrighton & Hove bese ibeke imali

 ??  ?? MAX TSHABALALA
MAX TSHABALALA
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? SELUNGENEL­WE umengameli weMamelodi Sundowns uPatrice Motsepe, udaba lukaPercy Tau ofunwa yiqembu lase-England
Isithombe: BACKPAGEPI­X SELUNGENEL­WE umengameli weMamelodi Sundowns uPatrice Motsepe, udaba lukaPercy Tau ofunwa yiqembu lase-England
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa