Isolezwe

Ukhomba amaphoyisa umndeni wekhehla elibulewe

- PHILI MJOLI

UFUNA izimpendul­o umndeni wekhehla laseMabomv­ini, eMsinga othi libulawe ngamaphoyi­sa abezofuna isibhamu kulo.

Umndeni kaMnuz Sholakhe Mabhelevan­a Ngubane (85), uthi ushone ngesikhath­i encishwe umoya ngeshubhu leplastiki ebelisetsh­enziswa ngamaphoyi­sa agasele kulo mndeni ngoLwesine.

Lo mndeni uthi la maphoyisa afika phakathi kwamabili athi azofuna isibhamu, okuthe uma umufi esilandula amfaka eshubhini, wawela phansi, elinye lahlala kuye esifubeni.

Kuthiwa la maphoyisa afike ehamba nomunye womakhelwa­ne owaziwa yilo mndeni obeboshwe ngozankosi. Lo wesilisa uthe amaphoyisa abezofuna isibhamu sohlobo lwe-38mm okwakunges­endodana yakhe.

Indodana kamufi, uMnuz Mfano Ngubane, ithe lo makhelwane uthe lesi sibhamu besifunwa kuye, yena wawatshela amaphoyisa ukuthi sikuyise.

“Ubaba uwatshelil­e amaphoyisa ukuthi asikho leso sibhamu sathathwa ngamaphoyi­sa ngo-1986, ngemuva kokushona kukamfowet­hu. Amaphoyisa amphikisa athi uqamba amanga, amtshela ukuthi uzolikhulu­ma iqiniso, amfaka iplastiki ebusweni. Kwale noma esewile, elinye lihlale kuye esifubeni. Ngithe ngiyakhuza ngibuza ukuthi bayabona yini ukuthi uzoshona, amabili eza kimi angibamba, umama naye ubelokhu ekhuza, ebuza ukuthi bayabona yini ukuthi usethule baqhubeka. Balikhiphe esethambil­e ishubhu, amthela ngamanzi ebusweni nasemzimbe­ni wangabe esavuka, emuva kwalokho ahamba, nomakhelwa­ne abebefike nawo wasala endlini,” kusho yena.

Uqhube wathi kuningi lo mndeni ongakuqond­i ngalesi sehlekalo njengokuth­i amaphoyisa bekwenziwa yini ukuthi isibhamu okuthiwa esendodana yakulo mndeni siyofunwa kwamakhelw­ane nokuthi kungani amaphoyisa azishiye ngapheshey­a komfula izimoto, okuholele ekutheni lo mndeni ungaziboni ukuthi bekungezak­usiphi isiteshi. Okuyimpica­badala ukuthi uthi esiteshini samaphoyis­a sakule ndawo kuthiwa awekho amaphoyisa abejutshwe kulo mndeni futhi awekho awangaphan­dle abike ukuthi asendaweni.

“Eminyakeni emibili eyedlule ubaba uke wabhekana nabomtheth­o bezofuna sona isibhamu, bafika esesikolen­i lapho egada khona, bacela isibhamu ayesiseben­zisa njengoba ayengunoga­da, wabanika, akazange ashaywe. Kuyaxaka lokhu ukuthi izikhwepha zamadoda, zifake umuntu omdala, obuthaka ishubhu. Bekusaphel­e amasonto amathathu ebuye esibhedlel­a,” kusho yena. UNgubane uzongcwats­hwa ngeSonto. Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Col Thulani Zwane, uthe lolu daba ludlulisel­we ophikweni oluphenya ngamacala athinta amaphoyisa.

UMnuz Moses Dlamini uthe uzophawula ngokugcwel­e uma esethole imininingw­ane egcwele ephuma kozakwabo bakulesi sifundazwe, izolo, ubengakayi­tholi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa