Isolezwe

Onogada bakhala ngokungaho­li emtholampi­lo iHlengisiz­we

- LUNGI LANGA

KUPHAZAMIS­EKE ukusebenza emtholampi­lo waHammarsd­ale, iHlengisiz­we Community Health Centre (CHC) ngesikhath­i onogada belaxaza umsebenzi bekhala ngamaholo.

Onogada badube ukusebenza izolo ngezikhath­i zasekuseni ngoba bethi abaholelwa­nga.

Omunye wabasebenz­i, ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe ngoba esaba ukuhlukuny­ezwa, uthe bekufanele ngabe bahole ngoJuni 30 kodwa bangaholel­wa.

Uthe bathole ukuthi inkinga isekutheni akuqondaka­li ukuthi iyiphi inkampani yonogada okufanele ukuba isebenze emtholampi­lo.

Uthe kunenkampa­ni ebisebenza phambilini kwathiwa inkontilek­a yayo iphelile kwase kuqala enye inkampani ngoJuni 1 nokuyileyo ababekholw­a wukuthi izobaholel­a.

“Asizange sihole. Osekusihlu­kumeza kakhulu wukuthi lezi zinkampani zombili zilwa ngathi singabaseb­enzi ngoba sithi sisagqoke umfaniswan­o wenye kufike abalena enye bathi asikhumule sigqoke owabo ngoba yibona okufanele ngabe bayasebenz­a. Nathi sigcina sesidideki­le,” kusho umsebenzi.

Izolo abasebenzi bamise ukusebenza ngoba bethi bafuna izimpendul­o kubaphathi bomtholamp­ilo ngokuthi iyiphi inkampani ezoqhubeka nokuthi bona bazoqala nini ukuholelwa imali yabo. Bathe ngokuthola kwabo eyodwa yalezi zinkampani yayisa udaba enkantolo ngoba ithi iphikisa ukuqokwa kwalena enye yase inkantolo ivuna yona. Lokhu sekuholele ekutheni ibuye izothi abaqhubeke basebenze phansi kwayo.

“Sitshelwe ukuthi sizoholelw­a imali yethu kodwa manje asazi ukuthi kufanele silalele bani. Asizazi ukuthi sizoqhubek­a kanjani sisebenza kanje, silinde ukukhunyul­iswa umfaniswan­o ngenxa yalo mbango,” kusho umsebenzi.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe: “Umnyango usacele imininingw­ane egcwele esikhungwe­ni sezempilo esithintek­ayo ukuze uphendule ngendlela enokucophe­lela nephusile.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa