Isolezwe

Siphuma kusasa esabazobha­la u-matric

- MHLENGI SHANGASE

KUZOCACA kusasa ngesibalo sabafundi abazobhala u-matric KwaZulu-Natal kulo nyaka njengoba okwamanje isibalo sime kwabangaph­ezulu kuka-147 000.

Lokhu kuvezwe nguDkt Barney Mthembu, inhloko yeziviviny­o otshele Isolezwe ukuthi kusasa zizobe sezaziwa izibalo zokugcina zabazobhal­a.

UMthembu uthe minyaka yonke siyanda isibalo sabafundi ababhala leli banga.

“Okwamanje bangu-147 210 abafundi abazobhala kodwa isibalo sokugcina sizosithol­a ngoLwesihl­anu. Sizobe sesikwazi ukusho ukuthi bangaki abazobhala kulo nyaka,” kusho uMthembu.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lesi sifundazwe yisona esinesibal­o esikhulu sabafundi ababhala u-matric.

Ezinye izifundazw­e ezinesibal­o esikhulu sababhalay­o kuba yiGauteng ne-Eastern Cape.

UMthembu ubalule ukuthi kulo nyaka abafundi bazobhala u-matric ohlukene kabili.

Uthe kukhona abazobhala u-matric obizwa nge-academic onezifundo ezijwayele­kile bese kuba khona abazobhala onezifundo zamakhono.

“Kuzobhalwa amaqoqo amabili, ababhala i-academic nababhala i-technical okokuqala ngqa kulo nyaka. I-technical ifaka izifundo ezehlukene okubalwa iTechnical Maths neSayensi,” kusho uMthembu.

Uthe njengoba bekufundwa kudingeka baqinise kakhulu kwiTechnic­al Maths ngoba abafundi basasilele emuva njengoba imiphumela itshengisa ukuthi ime ku-41%.

I-Technical Science yona akufani ngoba ingaphezul­u kuka60%. Mayelana nokufunda ngamaholid­i uMthembu uthe kuhambe kahle wathi kwezinye izikhungo bekusafund­wa.

Uthe nomqondisi jikelele womnyango kuzwelonke, uMnuz Mathanzima Mweli, uvakashele kulesi sifundazwe ezobheka njengoba bekufundwa.

“Kuhambe kahle ngoba kwezinye izindawo, njengaseMl­aza nje, iMenzi High ibizifunde­la. Kwezinye izindawo abafundi besibahlan­ganisile kanti kwezinye bebezifund­ela,” kusho uMthembu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa