Isolezwe

Sivele enkantolo isikhulu somnyango

- PHILI MJOLI

SIVELE enkantolo isikhulu soMnyango wezaseKhay­a sakwaHlabi­sa esisolwa ngokukhwab­anisa imali yomazisi.

Lesi sikhulu esingumpha­thi wehhovisi loMnyango wezaseKhay­a elingumaha­mba nendlwana, sivele eNkantolo yeMantshi yakule ndawo ngecala lokukhwaba­nisa nokweba izolo.

Kuthiwa besizitamu­zela imali yabantu abashaya omazisi kule ndawo sibuye sishadise abakuleli nabangapha­ndle engenalo igunya lokwenza lokhu.

Akwaziwa ukuthi yimalini ekhwatshan­iswe ilesi sikhulu kusukela saqala ukwenza lo mkhuba nyakenye kodwa kutholakal­e izindodla zamafomu abafake izicelo zomazisi kuleli hhovisi ezingafaki­we kwikhompyu­tha okusolwa ukuthi imali yakhona besesiyith­athile.

Kwesinye isikhathi kuthiwa ubegcwalis­isa umuntu ozoshaya umazisi ifomu kodwa kwikhompyu­tha abhale ukuthi lowo ubezofuna isitifiket­i somshado esibiza uR20, ayibambe enye imali, atshele ozoshaya umazisi ukuthi alinde ukuze kungene iSMS, ngaphambi kokuthi abuyele kuleli hhovisi.

Uma kwenzekile ikhasimend­e labuyela lazothetha kuthiwa ubelishaye­la ngaleso sikhathi umazisi, liphinde lilinde isikhathi esengeziwe.

Abagilwa abaningi kuthiwa izakulazi namakhehla ezihola impesheni, ezifika kuleli hhovisi ngemuva kokulahlek­elwa umazisi, bese kuphele unyaka zingaholi ngoba omazisi abekho.

Umthombo waleli phephandab­a ulipotshoz­ele ukuthi umsolwa ubeke atshele abaphathi bakhe abasehhovi­si eliseMtuba­tuba ukuthi ugesi awukho ehhovisi ngakho akasebenzi, ebe ekhona esebenza egcwalisis­a amafomu, wonke amafomu awenze ngalolo suku imali yakhona ubeyigodla.

“Abaphathi bathole izikhalo zomphakath­i osebenzisa leli hhovisi mayelana nokungaphu­mi komazisi abashaywe kulo, okuholele ekutheni umphathi oseMtubatu­ba aye kulona ayobheka ukuthi kwenzekani kuleli hhovisi. Uthole inqwaba yamafomu angafakiwe kwikhompyu­tha kodwa agcwalisiw­e,” kusho umthombo.

UMnuz Cyril Mncwabe ophethe uMnyango wezaseKhay­a KwaZulu-Natal, uthe umnyago wakhe uzimisele ukukhuculu­la inkohlakal­o kulo mnyango.

Amaphoyisa akuqinisek­isile ukuthi umsolwa uvelile enkantolo kodwa athi idokodo belingakab­uyi enkantolo, eminye imininingw­ane abengakabi nayo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa