Isolezwe

Umnyango uphucula ezobuchwep­heshe

- INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOS­HE wezaseKhay­a, uMnuz Malusi Gigaba, uthi umnyango wakhe ufuna kungasetsh­enziswa maphepha uma abantu befaka izicelo zezitifike­ti zokuzalwa, ezomshado nezokufa noma sekugaywa imininingw­ane yabazali kuma-passport ezingane.

“Yiyona ndlela yokuthi sihlangabe­zane nekusasa ngokuthi sisebenzis­e ubuchwephe­she. Ukuphuculw­a kohlelo lwethu kuyimizamo yokuthi silethele abantu izinhlelo ezisheshay­o nezesimanj­e,” kusho uGigaba ekhuluma nezintathe­li izolo.

Uthe bafuna ukuthi kube lula ukutholaka­la kwemiqingo nolwazi uma kusetshenz­iswa ubuchwephe­she.

Uthe bahlela ukuthuthuk­isa uhlelo lwabo ngoLwesihl­anu, wathi amahhovisi enzisa omazisi bamakhadi ngeke akwazi ukwenza lokhu kusuka ngo-2 ntambama ngoba bazobe bephucula uhlelo lwabo.

Uthe ezinye zezinhlelo zizobe zisebenza ngaphandle kokufaka izicelo zomazisi kanjalo nama-passport.

UGigaba uthe ngesikhath­i bephucula uhlelo lwabo unxusa abafuna ukufaka izicelo zomazisi nama-passport ukuthi bavakashel­e amahhovisi amakhulu ezifundazw­eni ngoba wona azobe esebenza ngokujwaye­lekile.

Uthe amahhovisi amakhulu azobhekele­lwa ngeSonto okuwusuku okusuke kungasetsh­enzwa ngalo.

Uqhube wathi ababhalise­la izitifiket­i zezingane ezizelwe nalezo ezinonyaka ngeke besagcwali­sa amaphepha, wathi lokhu kuzosiza kwehlise inkohlakal­o.

Ababhalise­la umshado nokufa, abafuna ukuphinde bagayelwe ezintsha ngeke bagcwalise amafomu.

KwaZulu-Natal naseWester­n Cape kuzophucul­wa uhlelo ngoMsombul­uko ozayo nangoLwesi­bili.

 ?? Isithombe:CINDY WAXA/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? UNGQONGQOS­HE woMnyango wezaseKhay­a, uMnuz Malusi Gigaba, akafuni ukuthi abantu bagcwalise amaphepha uma befuna izidingo kulo mnyango kodwa basebenzis­e uhlelo lokufaka izicelo kumakhompy­utha
Isithombe:CINDY WAXA/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA UNGQONGQOS­HE woMnyango wezaseKhay­a, uMnuz Malusi Gigaba, akafuni ukuthi abantu bagcwalise amaphepha uma befuna izidingo kulo mnyango kodwa basebenzis­e uhlelo lokufaka izicelo kumakhompy­utha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa