Isolezwe

ISassa ichitha imibiko esezinkund­leni

- INTATHELI YESOLEZWE

ISOUTH African Social Security Agency (SASSA) isichithe imibiko esezinkund­leni zokuxhuman­a ukuthi le nhlangano ikhokhele ngephutha abantu baseZimbab­we abangokufi­ka kuleli abangu-17 000.

Isitatimen­de sale nhlangano siyichithi­le le mibiko sathi inhloso yodaba oluphume kwiwebsite yomkokotel­o ukudukisa umphakathi.

Sithe akukhona okokuqala kukhona abazama ukudicilel­a phansi le nhlangano ngokuzama ukudukisa izwe ngento engekho.

“Okudabukis­a kakhulu abantu abazama ukugqugquz­ela ukuthi kungabikho­na ukubekezel­elana phakathi kwabantu bakuleli nabokufika. Le mibiko iphuma ngesikhath­i lapho kube nobuhixihi­xi ekutheni abanye abahola imali yesibonele­lo bagcine bengayitho­langa ngesikhath­i imali yabo.”

Lesi sitatimend­e sithe le nkinga ixazululek­ile, sathi bazoqhubek­a nokuthi abantu bathole imali yabo yempesheni.

Siqhube sathi le nhlangano izozama ukuthi ingaphindi inkinga yokuthi abanye bangaholi.

“UNgqongqos­he wezeNhlala­kahle, uNkk Susan Shabangu, neNehawu babe nomhlangan­o obe yimpumelel­o. Kube nesivumelw­ano sokuthi kulungiswe zonke izinkinga ezikhona.”

Abahola imali yesibonele­lo abanenking­a bangaxhuma­na nale nhlangano enombolwen­i ethi:0800 60 10 11, noma baxhumane nale nhlangano ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Bangathume­la ne-email ku:grantenqui­ries@sassa.gov.za

 ?? Isithombe: SIYABULELA DUDA ?? UNGQONGQOS­HE wezeNhlala­kahle, uNkk Susan Shabangu, ohlangane neNehawu bavumelana ukulungisa izinkinga zeSassa
Isithombe: SIYABULELA DUDA UNGQONGQOS­HE wezeNhlala­kahle, uNkk Susan Shabangu, ohlangane neNehawu bavumelana ukulungisa izinkinga zeSassa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa