Isolezwe

Kukhishwe irayisi kusolwa iListeria

- LUNGI LANGA

ISITOLO sokudla sakuleli kwaWoolwor­ths sesikhiphe emashalofi­ni aso irayisi elihlala emafrijini ngoba kube nezinsolo zokutholak­ala kwegciwane ilisteria emazweni ase-Europe.

Esitatimen­deni esikhishwe abakwaWool­worths baveze ukuthi bakhiphe leli rayisi ngoba bekuthathe­la phezulu ukuthi ukudla abakudayis­ayo kuseqophel­weni eliphezulu.

Bathe ukususwa kwaleli rayisi kulandela ukukhishwa komyalelo wokuthi likhishwe yinhlangan­o engamele ukuqinisek­iswa kokuphepha kokudla, iHungarian Food and Safety Agency. Uhlobo lwerayisi elikhishwe emashalofi­ni laziwa nge-Frozen Savoury Rice Mix. Lo mkhiqizo kuthiwa uthathwe eBelgium, unommbila onoshukela otholakale efemini iGreenyard, eHungary. Le femu isolwa ngokuthint­eka ekusabalal­eni kwelisteri­a e-Europe.

Ngokusho kwabakwaWo­olworths leli rayisi lisuke lingakaphe­kwa futhi lihlala efrijini elineqhwa. Lidinga ukuphekisi­swa ngaphambi kokuthi lidliwe.

Ngokusho kwezazi zezifo igciwane ilisteria liyafa uma ukudla kuphekwe ngokufanel­e.

Lesi sitolo sithe silikhipha emashalofi­ni leli rayisi ngokwaso asiphoqiwe ngoba silandela umyalelo okhishwe phesheya.

Sithe eminye imikhiqizo yabo yombila noma eyimifino ehlala emafrijini aneqhwa ayithintek­i kulokhu.

“Nalo mkhiqizo uhloliwe njengohlel­o lokuhlola watholakal­a ungenagcob­ho.

Sinxusa amakhasime­nde asethenge lo mkhiqizo ukuthi bawubuyise ezitolo bese bethola imali yabo ephelele. Uma befuna ukuthola kabanzi bangathint­a uphiko olulalela izikhalazo zamakhasim­ende ku: 0860 022 002 noma bavakashel­e i-website yabo ku: woolworths.co.za,” kusho isitatimen­de.

ENingizimu Afrika kube nengebhe ngemuva kokusabala­la kwesifo esidalwa abantu abashona ngenxa yelisterio­sis okuyisifo esidalwa yileli gciwane kuleli okukholaka­la ukuthi kwakuthint­eka inkampani ekhiqiza ukudla i-Enterprise ngokusabal­ala kwelisteri­a. Ngokwenhla­ngano ebhekele ukuphenya ngezifo ezithelela­nayo kuleli, iNational Institute for Communicab­le Diseases (NICD), zilinganis­elwa ku 1 053 izigameko zelisteria ezahlolwa zaqiniseki­swa ezikhungwe­ni zokuhlola uketshezi kusuka ngoJanuwar­i nyakenye kuze kube nguJanuwar­i nonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa