Isolezwe

Igcagcele esokeni kothisha bakwaGrade R

- MHLENGI SHANGASE

BAZOHLEKA bodwa othisha bakwaGrade R KwaZuluNat­al njengoba uMnyango wezeMfundo uthembise ukuthi bazoyithol­a kule nyanga imali yabo esinochath­a.

UMnuz Nathi Ngcobo, isikhulu esibhekele ukuqasha emnyangwen­i, uthe le mali bazoyithol­a kule nyanga ikhokhwa kusuka ngoEphreli kulo nyaka.

Uthe abakwazang­a ukuyikhokh­a kusuka ku-Ephreli wonyaka odlule ngenxa yokungabin­ayo imali.

“Sisebenza kanzima ukuqinisek­isa ukuthi ekupheleni kukaJulayi bayayithol­a imali yabo, nemali esibakwele­ta yona kusuka ngoEphreli. Uhlelo luthe ukudonsa ngoba besinenkin­ga yemali ebekumele siyilungis­e kodwa nakwisabel­o sezimali somnyango, uNgqongqos­he walo Mnyango (uMnuz Mthandeni Dlungwane), wazibophez­ela ekutheni izonyuswa imali yalabo thisha,” kusho uNgcobo. Uthe basebenzis­ana nomnyango kamgcinima­fa ukuze bakwazi ukubakhokh­ela bonke ngesikhath­i. “Uma singase sithi sizokwenza umuntu nomuntu kungathath­a eside isikhathi kungaze kushaye uDisemba abanye bengayitho­lile imali. Yingakho sifuna ukuthi bonke bayithole ngesikhath­i esisodwa le mali,” kuqhuba uNgcobo. Kuzokhumbu­leka ukuthi kusuka nyakenye labo thisha nezinyunya­na zilwa nomnyango zifuna ukuthi zenyuselwe imali.

Nyakenye abazange banyuselwe umholo, abazange bathole namabhonas­i ngoDisemba.

Bangaphezu­lu kuka 5 000 othisha bakwaGrade R kulesi sifundazwe, umnyango wathi labo abaneziqu bazokhushu­lelwa amaholo ngo R1 250 kuthi labo ababengena­zo banyuselwe ngo R750.

UNgcobo uthe uGrade R ubaluleke kakhulu njengoba kuyibona abacathuli­sa abafundi abasuke bezoqala ukufunda.

“Phambilini othisha bakwaGrade R babekhokhe­lwa abazali. Uhulumeni wabe esengenele­la ngemuva kokuba izikole eziningi sezingakho­khisi imali yesikole okwadinga ukuthi kube uhulumeni ozobabheke­lela,” kusho uNgcobo.

UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengam­eli weNatu, uthe bafuna othisha bakhokhelw­e umholo kusuka ngo-Ephreli wonyaka odlule, hhayi lo nyaka.

Uthe abakwazi ukuthi bangaseben­za bese begcina bengakhokh­elwa imali yonyaka odlule.

“Luselude ukuphela udaba lothisha bakwaGrade R ngoba sizolwa sifuna le mali . Akukwazi ukuthi bonke abasebenzi bahulumeni bethola imali bese bona benganikwa banikwe eyezinyang­a ezimbalwa.”

UNobhala weSadtu uNksz Nomarashiy­a Caluza, uthe bazolinda umnyango uze ukhokhe ngoba awuthembek­ile njengoba nasekuqale­ni wathembisa kodwa wangenza.

Uthe bazoqhubek­a balwe nokuthi bakhokhelw­e imali yangonyaka odlule.

 ?? Isithombe: MHLENGI SHANGASE ?? UMNUZ Nathi Ngcobo obhekele ukuqashwa eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal ongakwesok­udla othembise ukuthi bazowuthol­a kule nyanga uchatha othisha bakwaGrade R. Uthathwe noMnuz Vukani Khumalo wakulo mnyango
Isithombe: MHLENGI SHANGASE UMNUZ Nathi Ngcobo obhekele ukuqashwa eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal ongakwesok­udla othembise ukuthi bazowuthol­a kule nyanga uchatha othisha bakwaGrade R. Uthathwe noMnuz Vukani Khumalo wakulo mnyango
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa