Isolezwe

I-SA Agulhas 2 isitakule amazwe amaningi e-Afrika

- ZANELE MTHETHWA

KUDLA uR650 000 ngosuku ukusebenzi­sa umkhumbi wocwaningo lwesayensi, iSA Agulhas 2 yoMnyango wezeMvelo.

Lokhu kushiwo uMnuz Marco Worship oyiTechnic­al Leader yomkhumbi.

Uthe yize iNingizimu Afrika ingenzi nzuzo ngomkhumbi kodwa usutakule amazwe amaningi ase-Afrika wathuthuki­sa nososayens­i bakhona.

Bonke ososayensi bezamanzi emazweni ase-Afrika bathembele kuwo umkhumbi ngoba abanayo ingqalasiz­inda nemishini yobuchweph­eshe.

“Imali esebenza ngosuku ihlanganis­a nokufaka amafutha emkhunjini, ukudla nezinye izindleko. Umkhumbi uthwala abantu abalingani­selwa ku-100 okubalwa kubo ososayensi nabanye abasebenzi,” kusho uWorship.

UWorship uthe njengoba i-Indian Ocean ithinta umhlaba wonke kuyinto enhle ukuthi iNingizimu Afrika ibe nalo mkhumbi. Ulekelela ukuthuthuk­isa isayensi namazwe ase-Afrika.

UNksz Khanyisile Vena oyiScienti­fic Technician emkhunjini ukhombise indlela abayiseben­zisayo ukuhlola amanzi olwandle. Basuke befuna ukubheka ukuthi ane-oxygen engakanani ukuze bakwazi ukuba nombiko oyosiza nasemlandw­eni.

ICruise Leader, uMnuz Ashley Johnson, uthe kuyabiza ukwenza ucwaningo kwezesayen­si emanzini. Kubaluleki­le ukuthi amazwe asizane ngoba amanye awanayo ingqalasiz­inda.

Uthe banesiphak­amiso sokuba nezikhungo ezibizwa ngamaRegio­nal Centres of Competence ezizosiza ocwaningwe­ni. Enye yazo izoba seCape Peninsula University. Kulindelek­e ukuthi ngo-2020 kube sekuphothu­liwe izinhlelo zezikhungo. Kwenziwa nomqulu onayo yonke imiphumela yocwaningo.

Umkhumbi usuneminya­ka eyisithuph­a. Usanda kubuya eTanzania ukuyokwenz­a ucwaningo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa