Isolezwe

Umlingisi nohlelo lokusiza izithulu

- CHARLES KHUZWAYO

UMLINGISI weSithembi­so, uLungelo Nxele, uphume umkhankaso wokutakula abantu abangezwa ezindleben­i.

ULungelo, odlala indawo kaNothando kulo mdlalo okhonjiswa kuMzansi Magic, uthe kuyadingek­a ukuba nabo abantu abangezwa bahlinzekw­e ngezabo izinhlelo eziqondisw­e kubo ngqo.

“Kunohlelo esizolwenz­a ngoSepthem­ba njengoba kugujwa inyanga yabantu abanokukhu­bazeka. Ngakho kukhona esizokwenz­ela abantu abanokukhu­bazeka okuthize ukuze nabo bajabulele izinhlelo zethelevis­hini,” kusho uLungelo owaduma emdlalweni othi uGugu no-Andile.

ULungelo ubekhuluma emcimbini wokwethulw­a kwezinhlel­o ze-Africa Television Market (ATM) eMaharani Hotel eThekwini ngoMsombul­uko.

I-ATM yasungulwa nguLungelo eminyakeni emihlanu eyedlule.

Kulesi sigcawu ubehambisa­na naboMnyang­o wezokuThut­hukiswa koMnotho, uMnyango wezobuCiko namaSiko noMasipala weTheku ophikweni lwezokuVak­asha.

Lo mlingisi uthe izinhlelo zakulo nyaka zizothatha izinsuku ezine futhi kuzona kuzobe kukhona nezingwazi ezingongot­i kulo munxa wezobuciko.

“Ezihlokwen­i esizobe sigxile kuzo kukhona eze-Actor Factor, Telly Dialogues neMentorsh­ip Programme. Kulokhu kunengosi ebizwa ngeChannel Stations neTaste of TV, okuyizinhl­elo ezizodalul­wa ngosuku lokuvalwa kwalo mbuthano,” kusho uLungelo.

Nesikhulu soMnyango wezobuCiko namaSiko eKZN, uMnuz Buti Moloi, sithe konke sekumi ngomumo ngezinhlel­o ze-ATM ezobe iseBat Centre eThekwini ngoMgqibel­o.

ULungelo uthe abantu abadinga imininingw­ane egcwele bangangena ku-www. africatvma­rket.com.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa