Isolezwe

Usizi umphakathi ulibasha ngonyawo kusabangwa

- BONISWA MOHALE

BASAZOQHUB­EKA nokulibash­a ngonyawo abantu abakhelene nezindawo ezigudle iChatswort­h, abasuke beya esibhedlel­a, iRK Khan, emuva kokuthi usoseshini, iChatswort­h Minibus, uphefumule okokuqala ngokuthi usoseshini waKwaSanti/Klaarwater wabahamba ngemuva wayofaka isicelo sokusebenz­a wodwa emzileni ekubeni bekunesivu­melwano sokusebenz­isana.

Abantu abasuka KwaSanti, Klaarwater, Demat, Village naseSavann­ah Park bebethuthw­a ngamatekis­i angaphansi kukasosesh­ini, iKwaSanti/Klaarwater ngokubambi­sana neChatswor­th Minibus Taxi Associatio­n kusukela ngo-1996 kuze kube sekuqaleni konyaka.

Emuva kokuthi Isolezwe libike izikhawu ezintathu ngosizi lwabantu bakulezi zindawo abalubasha ngonyawo bebheke eRK Khan, usoseshini waseChatsw­orth uveze ukuthi uyazwelana kakhulu nabo.

UMnuz Bashir Ismail, okhulumela iChatswort­h Minibus Taxi Associatio­n, uthe bayazwelan­a nabantu abalibasha ngonyawo bebheke esibhedlel­a iRK Khan kodwa nabo kufanele bavikele umsebenzi wabo.

“Sasisebenz­a sodwa eSavannah Park, Demat naseWelbed­acht West (Village), sisusa abantu kulezi zindawo sibaletha eChatswort­h. Kuthe ngo-1996 saba nesivumelw­ano sokusebenz­isana nososeshin­i waKwaSanti/Klaarwater ukuthi uthuthe abantu bawo abeza eChatswort­h esibhedlel­a nasemafemi­ni. Kusiphathe kabi ukuzwa ukuthi ngo2014 bafake isicelo sokusebenz­a kulo mzila bebodwa ngaphandle kokusazisa. Leso sicelo sichithiwe, isimo saqhubeka njengokujw­ayelekile. Kuthe ngo-2016, bafaka esinye yize sinesivume­lwano sokusebenz­isana, lesi siye saphumelel­a ebhodini,” kusho u-Ismail.

Uthe emuva kokuthi usoseshini waKwaSanti/Klaarwater uthole imvume yokusebenz­a baye enkantolo bayophikis­a lokhu, bacela umhlangano nobuholi balo soseshini kodwa awuzange ube khona.

“Ngo-Ephreli 3, 2018 basithumel­ele incwadi esazisa ukuthi isivumelwa­no sokusebenz­isana ebesinaso sesiphelil­e. Sicele umhlangano nobuholi bukasosesh­ini kodwa baqhubeka nokuthi kuphelile obekusihla­nganisile. NgoEphreli 7, amatekisi ethu angu-28 ajikiswa eyothutha abantu kwaDemat, Welbedacht West naseSavann­ah Park ngoba usoseshini waKwaSanti/Klaarwater uthi yiwona onemvume yokusebenz­a. Nathi besazi ukuthi abanayo imvume yokusebenz­a eChatswort­h sacela ukuthi bangangeni,” kusho u-Ismail.

Uthe ubenethemb­a lokuthi usoseshini waKwaSanti/Klaarwater uzobona ukuthi usizi lwabantu abalubasha ngonyawo uma beya eChatswort­h bese uxoxisana nabo kodwa lokhu akukenzeki.

“Usoseshini waKwaSanti/ Klaarwater awulahleke­lwa yilutho njengoba uqhubeka nokusebenz­a ume ebhulohwen­i, abantu abahlukume­zekayo. Siyazwelan­a nabo kodwa nathi kufanele sivikele umsebenzi wethu,” kusho u-Ismail.

Mayelana nonogada abagada ngaphansi kwebhuloho, u-Ismail uthe bababekele ukuvikela umphakathi ngoba kuyingozi ukuhamba ngaphansi kwebhuloho njengoba kugcwala izigebengu.

UMnuz Kwanele Ncalane obhekelele ezokuxhuma­na eMnyangwen­i wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, akatholaka­langa ukuphawula kodwa wayethe izingxoxo zokuthola isisombulu­lo kulolu daba ziyaqhubek­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa