Isolezwe

I-Gift of the Givers ihlenge umasipala kolwamanzi

- INTATHELI YESOLEZWE

SEKUSIZE ukuba kungenelel­e inhlangano esiza abakhunget­hwe izinhlekel­ele emhlabeni, iGift of the Givers, enkingeni yesomiso kaMasipala uMzinyathi ukuze uqhubeke nohlelo lwamanzi ezindaweni zomasipala abahlanu abangaphan­si kwawo.

Lokhu kugqame ngesikhath­i izikhulu zale nhlangano neziphathi­mandla zikaMasipa­la waseMzinya­thi zihambele eNtinini, eNquthu ukuyokweth­ula ingqalasiz­inda yezigidi zamarandi yokuhambis­a amanzi kubantu.

Lolu hlelo lwethulwe ngaphansi kwenkosi yakwaJiyan­e ngemuva kokuthi uMzinyathi uzithole usenkingen­i yokuqhubek­a nohlelo ngenxa yenkohlaka­lo efinyelele kuR200 million.

IMeya yaseMzinya­thi, uMfundisi Petros Ngubane, ithe kubethule umthwalo ukuba kungenelel­e abeGift of the Givers ngoba bazoqhubek­a nokufaka amapayipi asala dengwane ngemuva kokuba umkhandlu ukhungathw­e inkohlakal­o.

“Laba bantu beGift of the Givers bazosileke­lela ekutheni bathathe umsebenzi osale kumasipala wokulwa nesomiso baqhubeke nawo. Umasipala kwakufanel­e uphothule lolu hlelo eminyakeni eyedlule kodwa inkohlakal­o yokukhwaba­nisa iphazamise konke lokhu njengoba uhlelo lungazange lusaqhubek­a,” kusho Ngubane.

Le nhlangano ifike nemishini eseqophelw­eni eliphezulu yokuthola amanzi angaphansi komhlaba.

Indawo yaseNtinin­i kutholakal­e ukuthi nakuba iyingxenye yokukhahla­mezwa isomiso kodwa inenqwaba yamanzi angaphansi komhlaba.

Udaba lwale nkohlakalo yamanzi ludale umsindo eMzinyathi ngemuva kokhetho lwango-2016.

Lokhu kwadala ukuthi kubhekanwe ngeziqu zamehlo phakathi kwe-ANC ne-IFP.

Umsindo wawufaka phakathi nombiko wophenyo wale mali yohlelo lwamanzi enguR200 million.

Ngenxa yalokhu kwagcina kujikijelw­ana ngamazwi, kusolwa uNgqongqos­he uNomusa DubeNcube ngokuthi ubenesandl­a ekutheni kuqalwe phansi ukhetho ngoba evika ukuthi i-IFP ithathe izintambo ngoba izoveza amahlazo ngenkohlak­alo yamanzi. Nokho uNkk Dube-Ncube wakuphika lokhu wathi kube umsindo wamaqembu ezepolitik­i wokuhlulek­a ukuhlalisa umkhandlu waseNquthu kwagcina kuqalwa phansi ukhetho.

Ephawula ngalokhu oweGift of the Givers, uMnuz Abba Mkhize, uthe bakwenze lokhu ngemuva kokucelwa uMasipala wesifunda uMzinyathi ukuthi bangenelel­e.

“Sesiqalile kuWard 3, sithenge amapayipi angu-23 okudonsa amanzi sizimisele ukuqhubeka siwafake kuwo wonke ama-ward, amanzi siwadonsa ngogesi abe esephumela ethangini bese esabalala kompompi,” kusho uMkhize.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa