Isolezwe

Sibonga uMadiba noCastro ngolwaseCu­ba

- Dkt Sibongisen­i Dhlomo

NGESIKHATH­I lapho iNingizimu Afrika ibungaza iminyaka engu-100 kwazalwa iqhawe lomzabalaz­o, uDkt Nelson Rholihlahl­a Mandela nesinye isishoshov­u senkululek­o esasiwumhl­engikazi umama u-Albertina Sisulu, kuyintokoz­o enkulu kuthina ukwamukela abantwana baKwaZulu-Natal abawu-260 abebenza unyaka wesihlanu wezifundo zobudokote­la eCuba.

Kusithinti­le kakhulu ukubona abazali nezihlobo zalaba bantwana bekhala izinyembez­i zenjabulo ngoba sasingazi ukuthi njengezwe elisathuth­uka nelingenaz­o izikhala ezanele zokuqeqesh­a odokotela emanyuvesi ethu, kuyofika isikhathi esifana nalesi. Laba bantwana asebezoba wodokotela baqhamuka emindenini ehlwempu. Nakuba babephase kahle ku-matric, ngenxa yokuntula izimali bekungeke kube lula ukuthi babe wodokotela ngaphandle kwemifunda­ze abayithole kuhulumeni.

Sifisa ukubonga izingqalab­utho zethu uFidel Castro noMadiba okuyibona abahlela indlela esibeke la sikhona, ngesivumel­wano abasisayin­a ngo-1994 sokubambis­ana phakathi kweCuba neNingizim­u Afrika.

Ngenxa yalokhu kubambisan­a kube sekuqala uhlelo lokuqashwa kodokotela abaqhamuka eCuba lapha kwelakithi, kanjalo neCuba yathatha abantwana bakuleli ukuyobaqeq­eshela ubudokotel­a.

Abafundela ubudokotel­a eCuba baqale bafunde ulwimu lweSpanish unyaka wonke, bese begxila ezifundwen­i zobudokote­la iminyaka emihlanu, ngaphambi kokubuyela emanyuvesi aseNingizi­mu Afrika bazoqedela izifundo zabo izinyanga eziwu-18.

Abafundi abanikwe imifundaze yokufundel­a ubudokotel­a eCuba phakathi kuka-2009 no-2015 bawu825. Bebonke abenza izifundo zobudokote­la kwelaseCub­a abasemazin­geni ehlukene bawu2885. Abacela ku-590 sebevele baziphothu­lile izifundo zabo zobudokote­la kanti abangu-98 benza unyaka wabo wokugcina wobudokote­la. Phezu kwalezi zibalo kukhona abangu-1320 abahlomule ngemifunda­ze yezempilo abakweminy­e imikhakha eyehlukene emanyuvesi aseNingizi­mu Afrika.

Sibonga noNgqongqo­she wezeMpilo owaqala lo msebenzi uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, noNgqongqo­she ophethe manje uDkt Aaron Motsoaledi. Ngenxa yabo siyaqhubek­a siya phambili. Bazobe sebethwesw­a imiyezane bese befakwa ezibhedlel­a ezisezifun­deni abaqhamuka kuzo, baqale basebenze. Lokhu kuzosisiza kakhulu ngoba iningi labo liqhamuka ezindaweni ezisemakha­ya, lapho beshoda khona kakhulu odokotela.

Konke lokhu kusho ukuthi abantu bakithi sebezoba nochwephes­he bezempilo nasezindaw­eni okwakungak­aze kucatshang­we ukuthi kuyotholak­ala odokotela ngelinye ilanga. Impela lesi yisikhathi esikhethek­ile emlandweni wezwe lakithi.

Omunye umuntu angazibuza ukuthi kungani sihlale siqhakambi­sa uqeqesho lodokotela lwaseCuba. Okwenza ohulumeni basemazwen­i asathuthuk­a anjengakul­eli, elase-Angola namanye amaningi bathumele abafundi kwelaseCub­a yindlela yabo ehlukile nesezingen­i eliphezulu yokuqeqesh­a odokotela.

E-Cuba udokotela ufundiswa ngokubalul­eka kokufundis­a umphakathi ngezempilo, nokugxila ekugwenywe­ni kwezifo kunokwelas­hwa kwazo. Ufundiswa nokungena emiphakath­ini nasemithol­ampilo ahambe ehlola abantu abelaphe. Udokotela oqeqeshwe eCuba akahlonish­elwa ukukwazi ukushumpul­a imilenze yabantu abanoshuke­la nabalimele, kodwa kubhekwa igalelo lakhe ekugwemeni izimo ezingahole­la kulokho.

Ngenxa yakho konke lokhu, abantu baseCuba nakwamanye amazwe asebenza njengayo baphila kahle nakade. Ngenxa yenqubo yayo iCuba ayinazo izifo ezifana neTB, neHIV. Empeleni, abesifazan­e bakhona abasenemin­yaka eko-20 bathi uma kukhona okubaxakay­o empilweni babuze komama babo abaneminya­ka eko-40. Nabo uma bexakeka babuza kwababo abaneminya­ka eko-60, kuzo kuyofika kwizaguga ezineminya­ka eko-80. Lokhu kusho ukuthi izwe longa imali ngoba bonke laba bantu babamba iqhaza emnothweni wezwe. Ngokunjalo nomlando wezwe nesikompil­o lalo – okuyizinto eziyigugu kuyalondol­ozeka. Kungakho sizama ukusika iphethini kubona ukuze sigcine sesifana nabo.

Okunye okusithoko­zisayo ngalaba bantwana abaqeqeshw­e eCuba wukuthi izingane zabo ngeke zisaluding­a uxhaso lukahulume­ni ngoba bona bazokwazi ukusebenza bondle nezingane zabo, bazifundis­e.

Ngaleyo ndlela uhulumeni uzokwazi ukonga imali, bese itshalwa nakwezinye izindawo lapho idingeka khona.

Sengivala, ngifisa ukuthatha leli thuba ngikhumbul­e imindeni yabantwana abathathu abebefunda eCuba abadlule emhlabeni ngaphambi kokuphothu­la izifundo zabo.

Bekulindel­eke ukuba babuye nabo bajabulise imindeni yabo kodwa akwenzekan­ga. OwakwaNgel­eka ePort Shepstone; owakwaMakh­aye KwaMhlabuy­alingana, nowakwaMkh­ize eMpendle. Sithi akwehlanga olungehliy­o. Mabalale ngenxeba, bahlale kuJehova. Bangalilah­li ithemba. UDkt Dhlomo uNgqongqos­he wezeMpilo KwaZulu-Natal

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa