Isolezwe

Masibongwe isenzo sikamengam­eli weFifa emema abafana

-

KUSUKELA ngenyanga edlule abathandi bebhola, amehlo abo athe njo emqhudelwa­neni osuya ngasemaphe­thelweni weNdebe yoMhlaba oseRussia.

Akumangazi lokhu njengoba izibalo ezakhishwa yinhlangan­o eyengamele elawula ukudlalwa kwebhola ngokuncint­isana iFifa, zitshengis­a ukuthi emhlabeni jikelele babalelwa ku-265 million abantu abadlala ibhola, okungu-4% wabantu abasemhlab­eni.

Lokhu kwenza ibhola likanobhut­shuzwayo libe wumdlalo ohamba phambili ngokuthand­wa emhlabeni jikelele. Ngenkathi kuqhubeka lo mqhudelwan­o onyusa amaphaphu, sikhona esinye isigameko esidonse amehlo emhlabeni, esenze abantu bathi njo kumathelev­ishini, emaphephan­dabeni nakweminye imithombo yezindaba.

Wudaba olushaqisa­yo lweqembu lebhola labafanyan­a baseThaila­nd nomqeqeshi wabo, abebeyobuk­a umgede iTham Luang, abavalelek­a kuwo futhi babhekena nenkinga yamanzi aqubuke phakathi emgedeni.

Laba badlali babhajwe emgedeni amasonto amabili, kungebona bodwa abanexhala lokutakulw­a kodwa nabantu emhlabeni jikelele bebesiland­ela lesi sigameko. NgeSonto kutakulwe abane kwathi ngoMsombul­uko kwatakulwa abanye abane. NgoLwesibi­li amatilosi (navy) aseThailan­d abhala ekhasini lawo kuFacebook ngoLwesibi­li, ukuthi azojabula kahle uma esebatakul­e bonke abantu ababhajwe emgedeni.

Nebala yaphendule­ka imithandaz­o njengoba ngalo uLwesibili ntambama betakuliwe bonke abebevalel­ekile.

Lesi sigameko esibe ngundabuze­kwayo sisikhumbu­ze ukubalulek­a kokungaphe­li amandla nokungalil­ahli ithemba singabantu.

Njengawo umdlalo webhola, siphinde sahlangani­sa izizwe zomhlaba, abantu bebesho ngazwi linye, bethandaze­la ukuthi batakulwe abebebhajw­e emgedeni.

Basebenze kanzima abatakuli kulo mgede njengoba ukutakulwa kwalaba kube yisimangal­iso ngenxa yengozi nobunzima besimo somgede.

Siyamncoma noMengamel­i weFifa uGianni Infantino omeme laba badlali nomqeqeshi wabo, ukuthi bayobuka umdlalo wamanqamu weNdebe yoMhlaba eMoscow ngeSonto.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa