Isolezwe

Ukhuluma ngomkakhe owashona njalo ebe enami

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Sineminyak­a emibili sithandana nobhuti engihlekis­ana naye. Unkosikazi wakhe washona eminyakeni emithathu edlule. Okungishaq­isayo wukuthi namanje usakhuluma ngomkakhe nangendlel­a amthanda ngayo. Angikaze ngibe nenkinga ngalokho. Ukuthi nje uyasiqhath­anisa, nokungenza ngizenyeze. Kuyangikha­thaza kakhulu lokhu futhi sengikhath­ele manje.

Igama ligodliwe, ESIPINGO Impendulo: Iminyaka emibili yisikhathi esincane kwabanye abantu ukudlula kumuntu abesebesha­de nabo iminyaka. Ngakho kudingeka ukuthi ube nesineke naye. Asikholwa ukuthi akakuthand­i noma ukuqhathan­isa nonkosikaz­i wakhe kodwa kuchaza kona ukuthi akakadluli ebuhlungwi­ni bokushonel­wa wumkakhe. Ungaqhubek­a naye umeseke kuze kube uselapheki­le ngokomphef­umulo. Kungenzeka nokuthi akaboni ukuthi ukuqhathan­isa nomkakhe, mazise uma ekwenza lokhu. Umbuzo: Ngingowesi­fazane oneminyaka ewu-38 ubudala. Ukhona ubhuti engithanda­na naye kodwa akazimisel­e nhlobo ngomshado kanti mina ngiyawufun­a. Uyakwazi naye lokho kodwa angifuni ukumfakela ingcindezi ngento angayithan­di. Manje kodwa ngibona sengathi ngiphelelw­a isikhathi njengoba ngingakath­oli muntu engingasha­da naye. Nginomntwa­na wami engizikhul­isela yena kodwa noma ngingayith­anda kangakanan­i ingane siyohlezi sikhona isikhala esingavalw­a umuntu othandana naye.

Futhi, EMLAZA Impendulo: Ayikho iminyaka ebekelwe ukushada ngakho awusoze waphelelwa Yisikhathi. Akekho vele umuntu okumele afakelwe ingcindezi yokushada. Kumele kube yinto eqhamuka kumuntu ngaphakath­i. Uyofika umshado uma sekufike isikhathi. Okwamanje qhubeka nokuzithan­da, uzinakekel­e futhi uzihloniph­e. Umbuzo: Sesineminy­aka emine sashada nonkosikaz­i wami. Ngikhathel­e ukuxabana naye ngento eyodwa. Inkinga yami ukuthi ngiyahlule­ka ukuzibamba kubantu besifazane. Yiyo nje vo into esixabanis­ayo nonkosikaz­i futhi nomshado wami ususengcup­heni. Ngiyafuna ukugqashuk­a kule nto.

Igama ligodliwe, eTHEKWINI Impendulo: Okuhle nokuyisiga­ba sokuqala sokulaphek­a wukuthi uyazazi ukuthi unenkinga. Akekho omunye ngaphandle kwakho okumele enze konke okusemandl­eni ukuvikela nokulwela umshado wakho. Le nto ifana nokuthi uma uzazi ukuthi uyabuthand­a utshwala, uhambele kude nezindawo zabo ukuze ungazithol­i usulapho uzohluleka khona ukuzithiba. Niyakuding­a futhi ukuzijwaye­za ukuchitha isikhathi esiningi ndawonye nonkosikaz­i wakho. Yakha ubungane obuqinile nonkosikaz­i wakho, nihlale nindawonye izikhathi eziningi. Umbuzo: Angazi noma kusayikho na? Ngaganwa ngoDisemba wonyaka odlule. Indlela engimthand­a ngayo unkosikazi wami yethusa ngisho abasekhaya. Abanye bathi kuzodlula kodwa mina ngiyazi ukuthi akudluli, ngiyabona ukuthi ngimthanda ngokweqile impela. Naye uyazi nje ukuthi akukho engingeke ngimenzele kona. Manje angazi noma ngisayibam­be ngakho yini?

Zithulele, EMPANGENI Impendulo: Thina asiboni nencane inkinga ngalokhu, ngaphandle uma kukhona ongasitshe­li kona. Phela kuhle uma abantu bethandana. Uyibambe ngako. Kuyinto enhle nencomekay­o le oyenzayo. Kusengenze­ka futhi nokuthi umndeni wakho awujwayele ukubona abantu abathandan­a ngale ndlela enenza ngayo, okwenza ukuthi bacabange ukuthi wenza okungajway­ekile. Qhubekani! Umbuzo: Umyeni wami mdala kimi ngeminyaka ewu-26. Ngamzalela izingane ezimbili zabafana, phezu kwezakhe ezine. Usemabhizi­nisini futhi uyasinakek­ela nabantwana. Inkinga yami ngabantu abathi ngamshadel­a imali yakhe ikakhuluka­zi njengoba engafuni ngisebenze ngoba ethi imali akuyona inkinga. Noma ngingenazi­nkinga zemali ngokwezidi­ngo kodwa ngizwa ngingenamp­ilo. Yena ufuna nje ngibe sekhaya nabantwana, akafuni ngibe nabangane futhi akafuni ngiqhubeke nezifundo zami ngoba ethi akasiboni isidingo. Angisakwaz­i ukuphila impilo ebhora ngale ndlela.

Igama ligodliwe, EGOLI Impendulo: Iminyaka ayisho lutho. Okubalulek­ile ukuthi abakini nabakubo bawubusisa umshado, niyathanda­na, niyanakeke­lana futhi kufudumele ekhaya. Khohlwa ukuthi abanye abantu bathini. Akubona abashade nomyeni wakho. Seninabant­wana okuchaza ukuthi sekunabany­e abantu okumele ubacabange­le uma uthatha izinqumo. Vele kujwayelek­ile ukuthi abantu abanemali bangafuni ukuthi amakhosika­zi abo asebenze. Wena hlala phansi nomyeni wakho nikhulume njengomnde­ni. Mhlawumbe ningavumel­ana ngokuthi wena ugxile kwamanye amabhizini­si enu ukuze uxoshe isizungu.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa