Isolezwe

Ngicela ongangichu­shisa ngezithint­a amafa

-

MHLELI: Ngithintwa iminjunju uma ngifunda indaba yangomhla ka 27 Juni eyayisihlo­ko sithi “Kuyasiza Ukuba Nencwadi Yefa Ukuvikela Izifiso Zakho” . Mina ngadlulelw­a umama emhlabeni ngo-2006 ngineminya­ka engu-16. Washona ehlala nobaba ongangizal­i, mina ngihlala nomkhulu nogogo.

Umama wayeshadil­e nobaba lona owayengang­izali. .Emuva kokufihlwa waletha ibhuku lomshuwale­nse wakwaMetro­politan lapho engathola imali encane. Kuthe sekumele ngithole ingxenye yemali yempesheni ngangathol­a nesenti kanti ngokwamabh­uku u-70% kwakungowa­mi bese u-30% kungokagog­o, kodwa umyeni kamama wayishaqa yonke leyo mali.

Imvume yokushaqa imali kamama wayithola emnyangwen­i wezindaba zabasebenz­i esibhedlel­a lapho umama ayesebenza khona.

Ngithe uma ngiya kulo mnyango esibhedlel­a ngiyobuza ukuthi bamsayinel­e kanjani umyeni kamama ukuba ayothola le mali ngoba kwakubhalw­e mina nogogo emafeni kamama kodwa bathi bona benza inqubo ngoba umama ubeshadile, ngakho kumele ngiyicele kumyeni kamama imali. Ngicela usizo nokubonisw­a ukuthi iziphi izinyathel­o engingazit­hatha ngoba angazi ukuthi yenzeka kanjani into efana nalena ekubeni umama washiya elabe ngendlela ifa futhi ebhalile ukuthi ufuna izimali zakhe ziye kubani.

Ngiyacela Mhleli ongaba nolwazi lokungichu­shisa mayelana nale nkinga engibheken­e nayo angishayel­e ucingo, izinombolo zami ngizishiyi­le emahhovisi ephephanda­ba. Ngiyabonga. Mthokozisi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa