Ngicela ongangichushisa ngezithinta amafa
MHLELI: Ngithintwa iminjunju uma ngifunda indaba yangomhla ka 27 Juni eyayisihloko sithi “Kuyasiza Ukuba Nencwadi Yefa Ukuvikela Izifiso Zakho” . Mina ngadlulelwa umama emhlabeni ngo-2006 ngineminyaka engu-16. Washona ehlala nobaba ongangizali, mina ngihlala nomkhulu nogogo.
Umama wayeshadile nobaba lona owayengangizali. .Emuva kokufihlwa waletha ibhuku lomshuwalense wakwaMetropolitan lapho engathola imali encane. Kuthe sekumele ngithole ingxenye yemali yempesheni ngangathola nesenti kanti ngokwamabhuku u-70% kwakungowami bese u-30% kungokagogo, kodwa umyeni kamama wayishaqa yonke leyo mali.
Imvume yokushaqa imali kamama wayithola emnyangweni wezindaba zabasebenzi esibhedlela lapho umama ayesebenza khona.
Ngithe uma ngiya kulo mnyango esibhedlela ngiyobuza ukuthi bamsayinele kanjani umyeni kamama ukuba ayothola le mali ngoba kwakubhalwe mina nogogo emafeni kamama kodwa bathi bona benza inqubo ngoba umama ubeshadile, ngakho kumele ngiyicele kumyeni kamama imali. Ngicela usizo nokuboniswa ukuthi iziphi izinyathelo engingazithatha ngoba angazi ukuthi yenzeka kanjani into efana nalena ekubeni umama washiya elabe ngendlela ifa futhi ebhalile ukuthi ufuna izimali zakhe ziye kubani.
Ngiyacela Mhleli ongaba nolwazi lokungichushisa mayelana nale nkinga engibhekene nayo angishayele ucingo, izinombolo zami ngizishiyile emahhovisi ephephandaba. Ngiyabonga. Mthokozisi