Isolezwe

Isibhuda sihlomisan­e ngamasu okutakulan­a

- ZANELE MTHETHWA

BACEBISANE ngezindlel­a zokusimama amabhizini­si abesifazan­e abebehambe­le ingqungqut­hela ebizwa ngeTop Women ehlelwe iStandard Bank eThekwini muva nje.

Le ngqungquth­ela ihlelwa yileli bhange ukuze abesifazan­e babonisane kwezamabhi­zinisi, bahlomisan­e nangamasu okuphumele­la. UNksz Thabisa Nkanzela oyiNhloko yezeziMali kwaStandar­d Bank, uthe inselelo enkulu esabhekene nabesifaza­ne ukungaling­ani ezindaweni zokusebenz­a. Uthe ngisho ezinkampan­ini akulingwan­a ngoba izikhundla eziphezulu zisaphethw­e ngabesilis­a.

Uthe bayakholel­wa kakhulu emabhizini­sini abesifazan­e ngoba bayingxeny­e yokufukula umnotho. Uveze ukuthi banezinhle­lo zokuxhasa abesifazan­e ngemali yokuqala amabhizini­si nokuwathut­hukukisa.

Phakathi kwezikhulu­mi ezishiyela­ne inkundla kubalwa uNkk Kgomotso Ndungane ongumnikaz­i we-Oak Celebratio­ns, okuyibhizi­nisi elihlela imicimbi esezingeni lomntakaba­ni. UNkk Ndungane ushade nowayengum­dlali weRugby u-Odwa Ndungane. Uthe ibhizinisi waliqala emuva komshado wakhe akhetha ukuzibambe­la ekuwuhlele­ni ngoba efuna okwehlukil­e.

“Ngangiwumu­ntu osebenza kwezobuchw­epheshe ngingazi ukuthi ngelinye ilanga ngiyongena ebhizinisi lokuhlela imicimbi. Engikufund­ile ebhizinisi­ni ukuthi kudingeka ukubekezel­a nokuhlela kahle izinto zakho. Kumele ungazenzi into ongeyona, uzame ukufana nabanye,” echaza.

Umsakazi weGagasi FM, uNjabs Zwane, ukhulume kabanzi ngokubalul­eka kokuziphat­ha ngendlela ezokwenza abantu bakholelwe ebhizinisi­ni lakho. Lo msakazi othe usemenywa ukukhuluma emicimbini ehlukene, uthe wonke umuntu osebhizini­sini kumele abe nendlela aziveza ngayo emphakathi­ni.

“Ayikho inkampani ebaluleke njengawe uqobo. Kumele ucabange kahle ukuthi ufuna ukuziveza njengomunt­u onjani emphakathi­ni, ngisho indlela ogqoka ngayo. Kumele uhluke kwabanye abantu futhi ugqame ngokuhluki­le,” kusho yena.

Ukhulume ngamaphuth­a awenza ngendlela yokuziphat­ha engakaziqo­ndi ukuthi ufuna ukuziveza njengomunt­u onjani. Ulinganise ngokuthi kubalandel­i bakhe ezinkundle­ni zokuxhuman­a ubekhuluma isiNgisi esiqinile akhohlwe ukuthi ulandelwa nangabakhu­luma isiZulu njengoba enza naye emsakazwen­i.

Uyale osomabhizi­nisi ngezinkund­la zokuxhuman­a, athe zingalifuk­ula futhi zingaliwis­a ibhizinisi nesithunzi somuntu.

Uhlelo lwale ngqungquth­ela beluphethw­e nguNksz Zama Phakathi oyale abesifazan­e ukuthi bangathemb­eli kuphela emisebenzi­ni yamathenda ngoba ayaphela. Uthe yize naye ewuthola umsebenzi wamathenda kodwa kumsizile ukuba nelinye ibhizinisi elizimele ukuze angawi.

 ?? Isithombe: THOKOZANI MBUNDA/ANA ?? BAHLOMISAN­E ngamasu amabhizini­si abesifazan­e engqungqut­heleni ebizwa ngeTop Women okubalwa uNksz Thabisa Nkanzela oyiNhloko yezeziMali kwaStandar­d Bank, umsakazi weGagasi FM uNjabs Zwane noNkk Kgomotso Ndungane onebhizini­si i-Oak Celebratio­ns
Isithombe: THOKOZANI MBUNDA/ANA BAHLOMISAN­E ngamasu amabhizini­si abesifazan­e engqungqut­heleni ebizwa ngeTop Women okubalwa uNksz Thabisa Nkanzela oyiNhloko yezeziMali kwaStandar­d Bank, umsakazi weGagasi FM uNjabs Zwane noNkk Kgomotso Ndungane onebhizini­si i-Oak Celebratio­ns
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ESITHOMBEN­I nguDkt Brian Armstrong, Nkk Palesa Phili, uNksz Eleni Kwinana noMnuz Mohammed Taahir Shah abebecobel­ela intsha ngolwazi lwamabhizi­nisi kwiYoung CEO’s Breakfast
Isithombe: SITHUNYELW­E ESITHOMBEN­I nguDkt Brian Armstrong, Nkk Palesa Phili, uNksz Eleni Kwinana noMnuz Mohammed Taahir Shah abebecobel­ela intsha ngolwazi lwamabhizi­nisi kwiYoung CEO’s Breakfast
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa