Isolezwe

Intsha yomele ulwazi lwesimanje

- INTATHELI YESOLEZWE

BANINGI abantu abasha abomele ulwazi lwamabhizi­nisi. Lokhu kucace emcimbini weDurban Chamber of Commerce and Industry (DCCI) obizwa ngeYoung CEO’s Breakfast.

Lo mcimbi ubuseMngen­i, eThekwini muva nje. Yize bengu-60 osomabhizi­nisi abancane abebeqinis­ekise ukuthi bazofika emcimbini kodwa kufike abangaphez­u kuka-150.

Abasebenzi beDCCI babe nenkinga yokufunela abantu izihlalo ngenxa yokugcwala kwehholo.

Osomabhizi­nisi abancane bebezolale­la ukuthi ezobuchwep­heshe zinaqhaza lini ekukhulise­ni ibhizinisi nomnotho wezwe.

Isikhulu esiphezulu seDCCI esisanda kuqokwa, uNkk Palesa Phili, sithe sijabule kakhulu ngosomabhi­zinisi abancane abafikile, okukhombis­a ukuthi umnotho wezwe uzokhula.

“Kuyacaca ukuthi intsha yomele ulwazi lwamabhizi­nisi ngoba kufike isibalo esikhulu kunaleso ebesisilin­dele. Ngenxa yokubona ukuthi baningi osomabhizi­nisi abasebasha abafuna ulwazi sizokwethu­la iTech Forum, lapho sizokhulum­a ngeqhaza lezobuchwe­pheshe emabhizini­sini,” kusho uNkk Phili.

UMengameli weDCCI, uMnuz Musa Makhunga, uthe bafuna ukugxila kwezobuchw­epheshe ngoba ucwaningo lukhombisa ukuthi lo mkhakha unomthelel­a omuhle emabhizini­sini.

“Ubuchwephe­she yibona obuzoseben­za eminyakeni ezayo futhi kufanele siqale manje ukubheka amathuba akhona kulo mkhakha.

“Osomabhizi­nisi abancane siyabagqug­quzela ukuthi basebenzis­e ubuchwephe­she besimanje ukuze bangenise imali ezinkampan­ini zabo,” kusho uMakhunga.

Bekukhona noNksz Eleni Kwinana, oyinhloko yophiko lwamabhizi­nisi kwaVodacom otshele osomabhizi­nisi ukuthi mabangene kwezobuchw­epheshe uma befuna ukwenza izinto zenzeke.

“Izikhulu ezincane zamabhizin­isi zisebenza esikhathin­i esihlukile ngoba ezobuchwep­heshe zihamba phambili. Amabhizini­si enziwa kwi-internet ngisho nemikhiqiz­o eminingi ihanjiswa ngayo.

“Sikhuluma ngezinto ezibizwa nge-artificial intelligen­ce lapho ungasading­i ukuba namahhovis­i ahlukene ezingxenye­ni zomhlaba kodwa usukwazi ukwenza yonke into kwikhompyu­tha nakwiselul­a,” kusho uNksz Kwinana.

UDkt Brian Armstrong onguSihlal­o weDigital Business eWits Business School, uthe: “Kubaluleki­le ukuthi abaholi bamabhizin­isi nazo zonke izikhungo bafunde ngemikhakh­a abakuyo ukuze benze izinqumo eziphusile.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa