Isolezwe

Umholi uqinisa idolo abalandeli beNFP

- MLUNGISI GUMEDE

I-NFP KwaZulu-Natal isiqale umkhankaso wokuvusele­la amagatsha ayo njengoba ilungisele­la ukhetho lukazwelon­ke olubhekwe ngabomvu lwangonyak­a ozayo.

USihlalo weNFP KwaZulu-Natal, uMnuz Vikizitha Mlotshwa, unxuse amalungu eqembu ukuba angavumi ukudidisek­a ngemuva kokwethulw­a ngokusemth­ethweni kweqembu elisha elihlubuke kubona iNational Peoples Front (NAPF).

INAPF yethulwe ngokusemth­ethweni emcimbini obuseGoli ngempelaso­nto edlule.

“Ngifuna ukuqinisa abalandeli bethu idolo, ngibatshel­e ukuthi iNFP isakhona futhi izolungene­la ukhetho lwangonyak­a ozayo,” kusho uMlotshwa.

Uthe uyazi ukuthi abanye abalandeli babo bangadidis­eka, bajoyine amanye amaqembu ngemuva kokwehlule­ka ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2016.

“INFP inayo imali, nango-2016 yayinayo imali yokungenel­a ukhetho kodwa abantu abathile bakhetha ukuthi bangalifak­i iqembu okhethweni ngenxa yezinhloso zabo,” kusho uMlotshwa.

Uthe sebeqale umkhankaso wokuvusele­la amagatsha abo njengoba belungisel­ela ukhetho lwangonyak­a ozayo.

“Kule mpelasonto esiya kuyona sizoba nombuthano eSweetwate­rs eMsunduzi kuthi ngempelaso­nto ezayo sibe seSikhalen­i lapho sizobe sihlangene, sibhunga ngezinhlel­o zeqembu,” kusho uMlotshwa.

Uthe alikho iqembu lezombusaz­we elake laphumelel­a ukhetho ngaphandle kokuba namagatsha aqinile.

“Sizimisele ngokuthi sibe namagatsha kuwona wonke ama-ward njengoba sisemkhank­asweni wokuvusele­la iqembu lethu,” kusho uMlotshwa.

Uthe kumele baziqhenye ngokuthi iqembu labo lisakhona ngemuva kokungalun­geneli ukhetho ngo-2016.

“Amaqembu amaningi anezinking­a ezinkulu ezedlula ezethu, amanye kuwona kuyabulawa­na, amanye ahluleke ukuhlalisa izingqungq­uthela,” kusho uMlotshwa. Uphonsele inselelo umholi weNAPF, uMnuz Bheki Gumbi, ukuba abuyele ekhaya.

“Ngifisa ukumxwayis­a uGumbi ngokuthi leli qembu alisungula­yo ngeke lize lisimane, noMntwana uMzonjana Zulu owaphuma kuthina wasungula i-Academic Congress Union ngamkhuza njengoba namanje ngenza kuGumbi,” kusho yena.

Uthe amaqembu asungulwa ngabantu abasuke kukhona izinto abanganeme ngazo awavamisil­e ukuphumele­la.

“Simbonile noDkt Makhosi Khoza obeku-ANC esungula iqembu lakhe. Livele laphela lingakaze lisimame,” kusho uMlotshwa. Ethintwa uGumbi, uthe akaziboni ebuyele kwiNFP njengoba manje esenakhaya elisha.

“Siyathemba ukuthi iqembu lethu lizosimama, ube yimpumelel­o nomcimbi wokwethulw­a kwalo,” kusho uGumbi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa