Isolezwe

Basabisa ngokuduba ukhetho osomatekis­i bamabanga amade

- MLUNGISI GUMEDE

OSOMATEKIS­I abahamba amabanga amade kuleli basabisa ngokuduba ukhetho ngonyaka ozayo, bakhala ngokuthi izimvume zezimoto zabo abazinikwa uhulumeni, ziyabacind­ezela.

Labo somatekisi abaneme ngohlelo lukahulume­ni lwezimvume zamanje ezivuselel­wayo.

Bathi lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuntshont­sha ibhizinisi abaziqalel­a lona.

Okhulumela ososeshini bamabanga amade kuleli, uMnuz Bongani Mthembu futhi onguSihlal­o kasoseshin­i iDundee Transport, uthe bayayixoxa indaba yokuthi bangayinge­ni eyokhetho lwangonyak­a ozayo ngoba abaneme ngendlela uhulumeni abaphethe ngayo.

“Uhulumeni uyasibandl­ulula siyimboni yamatekisi. Yithina kuphela angasixhas­ile kodwa amabhasi, izitimela namabhanoy­i baxhasiwe,” kusho uMthembu.

Uthe esikhundle­ni sokuthi uhulumeni abalekelel­e beyimboni kodwa ufuna ukubaphuca isinkwa ngokwethul­a uhlelo lwezimvume ezivuselel­wayo.

“Sekucacile ukuthi uhulumeni uyasizonda, yingakho sesiyifake­la izibuko indaba yakhe,” kusho uMthembu.

Uthe lolu hlelo lwezimvume kuhloswe ngalo ukubaphuca umsebenzi.

UMthembu ukhombe ngenjumban­e uhulumeni, wathi nguyena odala ukuthi kube nezinkinga embonini.

“Ukuphucwa ilungelo lobunikazi bemboni, ukubeka umthetho phezu komunye, ukubeka usosesheni kukhona omunye, ukulawula ngokucwasa amabhasi namatekisi nokulawula kukahulume­ni okunenkohl­akalo, yizona izinto ezisidalel­a izinkinga embonini,” kusho uMthembu.

Uthe bathathe isinqumo sokuthi impi yabo bangayilwi ngezinhlan­gano zamatekisi ngenxa yokuthi ezinye zibuye zisebenze eduze nohulumeni.

“Sonke singamalun­gu ezinhlanga­no kodwa sikhethe ukuthi siwakhumul­e amakepisi azo ngoba zenza ukuthi sihlale nameva kodwa singakwazi ukuzikhiph­a wona,” kusho uMthembu.

Osomatekis­i bake bakusikaza ukuzimela okhethweni njengoba bayibhalis­a nenhlangan­o yabo kwi-Independen­t Electoral Commission kodwa bagcina bengayiseb­enzisanga.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha kuleli, uMnuz Ishmael Mnisi uthe abananking­a nosomateki­si kodwa abakwenzay­o balawulwa wumthetho.

“Uhlelo lwezimvume ezintsha lwaphasisw­a ngenhhloso yokuphucul­a imboni yamatekisi. Izimvume zamanje zikhishelw­a izimoto hhayi abanikazi. Yingakho zivuselelw­a uma sekubonaka­la ukuthi imoto ayikho esimeni, ayibe isaphuma imvume,” kusho uMnisi.

Uphikile ukuthi ngalolu hlelo lwezimvume kuhloswe ukuqola imboni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa