Isolezwe

Ikhomba abamatekis­i iQina Mshayeli

- LUNGI LANGA

KUSOLWA abanikazi bamatekisi ngokubhunt­sha kwemashi yabashayel­i obekulinde­leke ukuthi ibandakany­e abashayeli basesifund­azweni saKwaZuluN­atal.

Kuthiwa abanikazi bamatekisi bacuthele abashayeli epaki, iKing Dinuzulu (Botha), ekuseni ngaphambi kokuqala kwemashi nokuholele ekutheni abashayeli bangaziban­dakanyi kuyona.

UMengameli wenhlangan­o yabashayel­i, iQina Mshayeli, uMnuz Clement Doncabe ogcine efika eCity Hall nedlanzana labantu asebenzisa­na nabo, uchaze ukuthi ngesikhath­i efika kuleliya paki ufice sekukhona abalisa abalingani­selwa ku-200 abebezopha­zamisa imashi.

“Laba balisa bathe bangabanik­azi bamatekisi, bathi abazange babikelwe bona ngemashi. Bebeyibiza ngesitelek­a, bethi izophazami­sa ukusebenza kwezimoto zabo. Babe sebeba nodlame kubonakala ukuthi ukube amaphoyisa abengekho ngabe bagadlile,” kusho uDoncabe.

Uthe ngenxa yalokhu abashayeli babe novalo bangabe besaba yingxenye yemashi.

“Abashayeli bebesishay­ela izingcingo noma sesisukile, besibuza ukuthi sesingakup­hi ngoba bebefisa ukuba yingxenye yemashi. Okwenzekil­e kungesinye sezizathu eziholele ekutheni sibe nale mashi. Abashayeli bayahlukun­yezwa, behlukunye­zwa abaphathi babo. Abanikazi bamatekisi bagcina sebebona engathi yibo kuphela abantu abanamalun­gelo. Ubuholi busicele ukuthi singaphaza­misi ukusebenza nokuthi lungabibik­ho udlame futhi sahambisan­a nalokho. Kusiphatha kabi uma sebengasak­hulumi okufanayo kubanikazi bamatekisi,” kuqhuba uDoncabe.

Uthe babebabike­le abaholi bezinhlaka zamatekisi kulesi sifundazwe ukuthi bahlele le mashi abebehlose ngayo ukuzwakali­sa ukukhathaz­eka kwabo ngezinking­a ezisemboni­ni okubalwa kuyo ukunyuswa kwaphethro­li, ukulethwa

komthetho omusha we-Administra­tion Adjudicati­on of Road Traffic Offences (AARTO) ophuca abashayeli amaphuzu uma benze amaphutha emgwaqweni nongagcina uholele ekutheni baze baphucwe amalayisen­si. Baphinde bakhala nangokunyu­swa kwaphethro­li abathe kuholela ekutheni kunyuke imali yokugibela, kubaxabani­se nabagibeli. UDoncabe uthe okunye abebefuna ukuthi kubhekwe ukubulawa kwabashaye­li bamatekisi ngenxa yezimpi zasemateki­sini nokuhlukun­yezwa kwabo abaqashi.

Uthe ngeke bayeke ukulwela amalungelo abashayeli noma bevinjwe abanikazi bamatekisi.

UMnuz Sifiso Shangase ongumphath­i wehhovisi leSouth African National Taxi Council (Santaco) KwaZulu-Natal, uthe akazi ngabalisa abazibize ngabanikaz­i bamatekisi abasolwa ngokuphaza­misa abashayeli abebezomas­ha.

Uthe babecelile ukuthi ubuholi baQina Mshayeli bubachazel­e ukuthi bumele bani nokuthi busebenzel­a kuphi kodwa lokhu kwagcina kungenzeki­le.

Uphinde wathi bebebona kukuhle ukuthi buxhumane nobuholi beSantaco eThekwini ngoba bona ngokubona kwabo, le nhlangano inamalungu eThekwini futhi ikhuluma kakhulu ngezinto ezithinta iTheku. Uthe kufanele le nhlangano ixoxisane nobuholi ngaphambi kokuthi babambe amamashi ngezindaba ezithinta umsebenzi. UShangase uthe bayalugxek­a udlame lwanoma yiluphi uhlobo ngoba lungcolisa igama lemboni.

“Njengoba sasibaceli­le nabo ukuthi sicela benze konke abazokwenz­a ngokuthula, asihambisa­ni nodlame. Uma kuwukuthi kuyiqiniso ukuthi kukhona abebebapha­zamisa kwaze kwafinyele­la ekutheni bazame ukubabamba ngezandla siyakugxek­a lokho ngoba ekugcineni kungcolisa igama lemboni,” kusho Shangase.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA ?? KUGCINE kuhlangene idlanzana lethimba leQina Mshayeli emashini okusolwa ukuthi iphazanyis­we abanikazi bamatekisi
Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA KUGCINE kuhlangene idlanzana lethimba leQina Mshayeli emashini okusolwa ukuthi iphazanyis­we abanikazi bamatekisi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa