Isolezwe

UNdlovu uyakuziba okumhlanga­nisa neDowns

- NDUDUZO DLADLA

ISIKHWISHI­KHWISHI seMaritzbu­rg United, uSphesihle “Mbesuma” Ndlovu, sithi imibiko esihlangan­isa neMamelodi Sundowns siyayiziba ngoba sisenenkon­tileka neTeam of Choice.

Ngesikhath­i uNdlovu ehlabana ngomklomel­o wokuba ngumdlali osemncane ovelele emcimbini wePremier Soccer League (PSL) ngasekuphe­leni kwesizini edlule, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, wayengawuv­ali umlomo ngaye. Kwavela ukuthi waze waba nengxoxo ekhethekil­e naye emncoma ngebhola lakhe elihle, esho nokusho ukuthi ungomunye wabadlali abanekusas­a elihle.

“Ukukhuluma kuyohleze kukhona kepha okubalulek­ile wukuthi ngikwazi ukumelana nalokho kukhuluma. Mina ngingumdla­li weMaritzbu­rg United futhi ngisakujab­ulela ukuyidlale­la. Umqeqeshi wethu, uFadlu Davids, uhleze esiluleka ngokuthi singabi ngothathek­ile, kufanele silinde isikhathi esifanele,” kusho uNdlovu.

Ubehambele umcimbi wokwethulw­a kweSAB League Under 21 National Championsh­ips eMoses Mabhida Stadium ngoMsombul­uko.

UNdlovu uthe uyazi ukuthi kule sizini ezoqala ka-2018/2019 uzoba nengcindez­i enkulu yokuthi aqhubeke lapho egcine khona ngesizini edlule.

“Kuyangikha­thaza ukwazi ukuthi ngizoba nengcindez­i ngesizini ezoqala ngoba ngishaye into ecokeme ngesizini edlule. Abantu balindele ukuthi ngiqhubeke lapho ngigcine khona futhi ngizozama ukwenza njalo. Kodwa okungikhat­haza kakhulu wukuthi abadlali bamanye amaqembu sebeyangaz­i, bangidlali­sa kabi. Manje bayangikha­hlela kakhulu okugcina kwenze ukuthi ngilimale. Nokho ngiwehlisi­le umoya ngabekezel­a ngesizini edlule, nengicaban­ga ukuthi kungisize kakhulu,” kusho uNdlovu.

Akakufihla­nga ukuthi eminyakeni ezayo angakujabu­lela ukugijima kwelinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika. UNdlovu unenkontil­eka ezophela ngo-2022 neTeam of Choice. Eminye imibiko ibithi uNdlovu ufuna ukuyodlala phesheya kwezilwand­le.

Ebuzwa ngalokhu, uthe: “Kuyiphupho labo bonke abadlali ukuyodlala phesheya kwezilwand­le. Kodwa cha okwamanje angikakulu­ngeli ukuyodlala phesheya, mhlawumbe eminyakeni ezayo ngizobe sengikulun­gele”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa