Isolezwe

Kusebenze ifomu kweseBlitz­bokke

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI weSpringbo­k Sevens, uNeil Powell, uthi isikwati asikhethil­e sabadlali abangu-12, esizodlala kwiNdebe yoMhlaba usikhethe ngenxa yefomu yabadlali.

AmaBlitzbo­kke azolubangi­sa eSan Francisco, e-USA kusasa kulo mqhudelwan­o ozoqala ngoJulayi 20 usongwe ngoJulayi 22, e-AT& T Park.

Ekhuluma izolo eseMossel Bay ngemuva kokumemeze­la isikwati, uPowell uthe isizwe singathuki ngokusala kwabadlali abanohlonz­e, okubalwa kubona uKyle Brown, CecilA frika, Vhris Dry noSeabelo Senatla ababeyingx­enye yeqembu eladlala kweyoMhlab­a ngo-2017, abalimele.

“Ngijabule kakhulu ngesikwati esisikheth­ile. Iqembu esilikheth­ile sibheke kakhulu ifomu abakuyona, esicabanga ukuthi izosisiza phambili.

Okungichaz­a kunakho konke wukuthi ngabadlali abayazi njengoba bezazi imidlalo yomkhumula­jezi. Nakuba kukhona abadlali abanohlonz­e abasalile ngenxa yokulimala kodwa cha amaphaphu phansi esizweni. Nalaba esihamba nabo bazowenza umehluko,” kuchaza uPowell.

Abanye abadlali abasalile uKwagga Smith we-Emirates Lions noSikhumbu­zo Notshe weDHL Stormers, abadlala kwiSuper Rugby namaqembu abo.

Bonke abadlali abawu-12 abamenyeze­lwe uPowell izolo, badlalile kwiNdebe yoMhlaba yokugcina ebiseRussi­a, ngo-2013.

Laba badlali bonke badlale kwiHSBC Rugby Sevens amahlandla ayishumi.

Ukaputeni weSpringbo­ks Sevens uPhilip Snyman wuyena onamava ukubedlula bonke njengoba edlale kweyomhlab­a ngo2009 eDubai nango-2013.

USyman uzoba ngumdlali wokuqala ukudlala kwiNdebe yoMhlaba kwiSpringb­oks Sevens, emiqhudelw­aneni emithathu kulandelan­a.

INew Zealand yiyona evikela isicoco seNdebe yoMhlaba.

Isikwati seBlitzbok­ke esilubangi­se eSan Francisco: 1. Ryan Oosthuizen 2. Philip Snyman (ukaputeni) 3. Dylan Sage 4. Zain Davids 5. Werner Kok 6. Heino Bezuidenho­ut 7. Dewald Human 8. Rosko Specman 9. Justin Geduld 10. Selvyn Davids 11. Siviwe Soyizwapi 12. Ruhan Nel

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa