Isolezwe

Bazovinjwa koweChiefs neDowns ababukhile

-

Emdlalweni wokuqala iChiefs inqobe ngo 2-1 kwathi kowesibili eFNB, okugcwale kuwona kwashoda indawo yokuhlala, badlala ngokulinga­na ngo 0-0. Isizini edlule ihambisane nezigigama eziningi ezinkundle­ni, ikakhuluka­zi emidlalwen­i yeChiefs lapho kugcine kucekwa impahla. Nakuba kufana nesiko kubalandle­li baseMzansi ukuya enkundleni “beshayile” kodwa koweShell itshe lizogaya ngomunye umhlathi.

UBertie Grobbelaar, wakwaShell, uthe lokhu kungenxa yokucabang­ela injabulo yabangabul­okuthi utshwala.

“Umuntu ozofika enkundleni ebonakala ukuthi ubukhile ngeke avunyelwe ukungena. Ngiyazi ukuthi abalandeli bayazithok­ozisa ngotshwala, abanye babo bazokweqis­a ezingeni lokuthi bangashaye­la. Ngeke sivumele umuntu ozofika eqhuba imbuzi ngoba uyingozi ekuphephen­i kwabanye abantu. Akuyona into entsha ezobe iqala kodwa kade ivele ikhona. Akukhona ukuthi sifuna inkundla egcwele abantu abangaphuz­i kodwa sifuna uthokozele isiphuzo sakho ngaphambi komdlalo nangemuva kwawo. Awukho umkhawulo kulokho.

“Kodwa kukhona indlela okufanele siziphathe ngayo siwumphaka­thi. Abantu uma bengakulan­deli lokho, amaphoyisa nonogada bazobhekan­a nalokho. Kufanele sibhekele ukuphepha kwabo bonke abantu,” kusho uGrobbelaa­r.

Amasango azovulwa ngo-11 ekuseni. Abalandeli bahlelelwe indawo yokupaka izimoto ezingu-13 000. UGrobbelaa­r ukuqinisek­isile ukuthi ezokupheph­a zizobe ziqinile.

“Siqashe izinkampan­i zonogada eziyisikho­mbisa, ezizobheke­la ukuphepha kwabalande­li ngosuku lomdlalo. Kuzoba nonogada abangu-164. Ngokomthet­ho kufanele kube nonogada oyedwa kubantu abangu-100. Kodwa sizokwenza kube oyedwa ebantwini abangu-55,” kusho uGrobbelaa­r.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa