Isolezwe

Bavule ngegiya eliphezulu abakuleli

- LUNGILE MAJOKA

ININGIZIMU Afrika iyiqale ngegiya eliphezulu imidlalo ye-IAAF Under 20 World Championsh­ip ebanjelwe eTampere eFinland, ezosongwa ngeSonto.

UKayle Blignuat uvule ngendondo yegolide eqopha irekhodi elisha lakuleli kwi-Under 20 ngesikhath­i ephonsa u-22.07m kwi-shot put.

Udlisele ogageni umdlali waseUSA, u-Adrian Piperi, obephonse u-22.06m ngomzulisw­ano wesihlanu. UBlignaut ubuye ngowokugci­na wamdlula.

Elakuleli, elibophele abadlali abangu-19, kubhekwe ukuthi lenze kangcono kunasemidl­alweni edlule lapho laqeda endaweni ka-22 ohlwini lwezindond­o. Ithimba lakuleli lakwazi ukuthola amasiliva amathathu kuphela ePoland ngo-2016.

Abanye abadlali ababoshelw­e, yilabo abagile izimanga kwi-Under 18 World Championsh­ip eKenya ngo-2017.

Omunye wabo uSokwakhan­a Zazini owathola igolide eKenya kwi-400m. Kulo nyaka ushaye isikhathi sakhe esisheshay­o kwi400m enza u-45:86, wagijima u-49:32 kuma-hurdles.

UThando Dlodlo, ongomunye wabadlali abebebheki­we ukuthi benze kahle, uhlulekile ukuzibekis­ela indawo emzuliswan­eni olandelayo ka-100m. Ubefike lapha kunguyena ephethe irekhodi lakuleli lamajuniya kuleli banga. Nokho usenalo ithuba njengoba ezogijima naku-200m namuhla.

ULiza Kellerman naye akazange akwazi ukungena kweyandule­la owamanqamu kwi-800m.

Abanye abasubathi bakuleli abangazang­e benze kahle, uNicola Gibson noMarlie Viljoen, abayibamba kwi-400m.

Umdlali okungabhek­wa kuyena ukuthi enze kahle uBryton Poole, odlala i-high jump. Lo mfanyana waseKapa wazifaka ezinhliziy­weni zabathandi balo mdlalo ethatha igolide eKenya. Uya emqhudelwa­ni ekleliswe endaweni yesithupha emhlabeni.

U-Anro van Eeden naye osethubeni lokuthola indondo njengoba ebekwe phezulu kubafana abadlala i-javelin.

 ??  ??
 ??  ?? UKAYLE Blignuat waseNingiz­imu Afrika uwine igoli kwi-shot put emidlalwen­i ye-Under 20 World Championsh­ips
UKAYLE Blignuat waseNingiz­imu Afrika uwine igoli kwi-shot put emidlalwen­i ye-Under 20 World Championsh­ips

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa