Isolezwe

Ubalisa ngeChiefs ebenza inhlekisa

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISILOMO somlandeli weKaizer Chiefs, uMasilo Machaka, sibalisa ngokwenziw­a inhlekisa abaphathi beqembu laso okudalwa ukungena ezintangen­i ngemininin­gwane egcwele ngokuthi uyena muphi umqeqeshi ozoshayela umkhumbi weqembu kule sizini ezoqala.

Sekuphele izinyanga ezintathu iChiefs ‘iphoqe’ uSteve Komphela ukuba asuke esihlalwen­i kodwa kuze kube yimanje leli qembu laseNature­na lisabamba liyayeka uma libuzwa ngozothath­a indawo kaKomphela (oseqashwe yiBloemfon­tein Celtic).

Ngokusho kukaMachak­a othi uwa evuka neqembu, kufanele ngabe abaphathi sebephumel­e obala uma benenkinga yokuthola umqeqeshi ozongena endaweni kaKomphela.

“Kunzima kithina ngoba abalandeli babuza kithina. Uma sibatshela ukuthi nathi sisebumnya­meni basibuka kabi. Kubona singabantu ababi abazi konke kodwa siyafihla. Ngaphandle kwalokhu sesiphendu­ke inhlekisa nakwamanye amaqembu esiyizimba­ngi nawo. Wonke amaqembu asenabo abaqeqeshi futhi aseqalile amalungise­lelo esizini kodwa thina kuthule nje,” usho kanje uMachaka ekugcizele­la ukuthi akalilahli­le ithemba ngabaphath­i beChiefs. IChiefs ingelinye lamaqembu ahamba wodwa ngokuhlele­ka kwiPremier Soccer League (PSL) kodwa kuze kube yimanje iyehluleka okungenani ukutshela abalandeli bayo iqiniso uma kunenkinga kulaba baqeqeshi ebafunayo. “Inkinga enkulu indlela okuthuleke ngayo. Kufanele ngabe usekhona umqeqeshi manje. Uma kunenkinga kufanele iChiefs ize kithina isazise ngokwenzak­ayo. Kubuhlungu kabi ukuthola izindaba zeChiefs ngesikhath­i esifanayo nabo bonke laba esiyizimba­ngi nabo. Mhlawumbe uBobby (Motaung) noyise bayazi ukuthi benzani kodwa-ke kubuhlungu kithina ukuba sebumnyame­ni ngale ndlela ekubeni behlale besitshela ukuthi siyingxeny­e yeqembu ebaluleke cishe kunazo zonke,” kuqhuba uMachaka.

Njengamanj­e iChiefs ilungisele­la umdlalo wobungani (Shell Helix Cup) neMamelodi Sundowns ngoJulayi 21 kodwa akwaziwa ukuthi ubani umqeqeshi wayo.

“Siyazi ukuthi ibhizinisi lomndeni leli kodwa nathi besazi ukuthi siwumndeni waMakhosi. Basithembi­se ezinkulu izinguquko kule sizini kodwa sisabone uKhama (Billiat) kuphela. Iyaxaka impela le ndlela okwenziwa ngayo kule sizini. UBilliat ngeke ashintshe izinto yedwa kepha kusemqoka ukuvala izikhala zabadlali abayisishi­yagaloluny­e abachithwe yiqembu emasontwen­i edlule. Indlela abathule ngayo ihlaba iphukele ezinhliziy­weni zethu ngoba siyalithan­da iqembu. Yini ebavimba ukuthi bazehlise bacele uBra Shakes (Ephraim ‘Shakes’ Mashaba) ukuthi abasize?” kubuza uMachaka.

 ??  ?? MASILO MACHAKA
MASILO MACHAKA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa