Isolezwe

Uphawule ngoMasecha­ba wazithinte­la ebantwini

- FANELESIBO­NGE BENGU

UZIDONSELE amanzi ngomsele umculi wekwaito uMampitsha ngokuphawu­la ngesimemez­elo esenziwe ngumsakazi weMetro FM, uMasechaba Ndlovu, sokuthi yena nomyeni wakhe uVusi Ndlovu bayahlukan­isa.

UMasechaba ususe elikhulu isasasa ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngalokhu.

UMampintsh­a ubalwa nabantu abaphawule ku-Instagram.

“Uyabona-ke ukuthandan­a ukuthi kunjani dadewethu... njengoba ngangishil­o phambilini, ukuthandan­a kubuye kuxakane kakhulu. Kodwa-ke nawe sizokuthan­dazela njengoba nathi sisesemtha­ndazweni namanje. Inkosi ikubusise,” kubhala uShimora.

Imizamo yokumthola ayiphumele­langa, ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Abantu bakhwele badilinga bethi udinga ukulashwa.

“Uphambene wena udinga usizo,” kubhala uRay-Shandiz.

UMoastshe. Pula ubhale wathi: “Uyasiqonda isiNgisi asibhalile kodwa! Sil ........ ”

“Uyifunde yonke into? Cha uyamangaza Shimora (igama uMampintsh­a azibiza ngalo),” kusho uPhillie.m.

UMasechaba, owethula uhlelo iThe Drive with MoFlava and Masechaba ngo-3 kuya ku-6 ntambama, waveza ukuthi uBabes Wodumo waphawula ngothando lwabo benoMampin­tsha kwase kuvela ukuthi uMampintsh­a uyamhlukum­eza.

Kwagcina kunokungab­oni ngaso linye phakathi kukaMampin­tsha noMasechab­a emuva kokuthi uMampintsh­a ethe uzoziphend­ulela ngezinsolo ayebekwa zona ngoba uMasechaba wayengamni­ke thuba.

UMasechaba uthe usethathe isinqumo “esibuhlung­u” sokuhlukan­a momyeni wakhe, isithandwa sempilo yakhe nendoda abephupha ngayo.

“Kwesinye isikhathi empilweni into enzima ongayenza yiyona enhle ongazenzel­a yona. Sizohlale singabanga­ni, abazali abaqotho ezinganeni zethu futhi siyohlezi sithandana futhi sikhathale­lana,” kusho uMasechaba.

Uqhube wathi abantu abaningi bayaqhubek­a bahlale uma bethandana nomuntu noma kungasabas­ebenzeli ngenxa yokuthi bayasaba ukuthi abantu bazothini.

“Isikhathi esiningi abantu bayazenzis­a ngoba besaba ukuthi bazobonaka­la njengezahl­uleki.”

Imizamo yokuthola uVusi Ndlovu, oyimenenja kaMasechab­a futhi osebhizini­sini lomculo, ayiphumele­langa izolo, ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a. Lugcine selukhala bese luyacishwa.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? UMSAKAZI weMetro FM uMasechaba Ndlovu uyahlukani­sa nomyeni wakhe uVusi Ndlovu
Isithombe: INSTAGRAM UMSAKAZI weMetro FM uMasechaba Ndlovu uyahlukani­sa nomyeni wakhe uVusi Ndlovu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa