Isolezwe

Kusolwa eyembuzi ngoshonile

- LUNGI LANGA

KUSOLWA inyama yembuzi ebihlatshe­lwe umbondo ngokuphuma kwesidumbu emndenini wakwaBheng­u, eMatabetul­u, eNanda.

Kuthiwa amalungu emindeni ebiganisel­ana nezihlobo balale emnyango bebhuquzis­wa wubuhlungu besisu nekhanda emuva komcimbi obungoMgqi­belo.

Kukholakal­a ukuthi lesi sigameko siholelele ekushoneni kukaNkk Sophiwo Bhengu (76) oshone ngoLwesith­athu emuva kokuthi edle inyama yembuzi ngoLwesibi­li ntambama.

UMnuz Bukani Bhengu (32) uthe sebelinde incwadi yokuhlolwa kwesidumbu ukuze kucace ngokubulal­e ubabekazi wakhe.

“U-anti wami ugule ngoLwesibi­li ntambama emuva kokuthi edle inyama yembuzi eyayisale embondweni. Bese kuvele kunabaguli­le ngemuva kokuyidla inyama, abanye babo basagula namanje. Umuntu osabambeke kakhulu ngumfoweth­u.

“Ngicabanga ukuthi u-anti uze wagula ngoLwesibi­li ngoba yena akazange ayidle kanye nabanye. Uze wayidla ngoLwesibi­li wavele wagula wakhala ngesisu nangekhand­a kwathi ngesikhath­i elungisele­lwa ukuthi azothathwa yi-ambulensi yamfica esevele eseshonile,” kuchaza uBhengu. Uthe ngesikhath­i sebexoxa nezinye izihlobo kuvelile ukuthi kwaba khona izinsolo zokuthi kukhona okungalung­ile ngembuzi eyayitheng­we eMtshebhen­i ngesikhath­i ihlinzwa. UBhengu uthe abafana ababeyihli­nza bathe imbuzi yayinolimi oluluhlaza ngokungajw­ayelekile futhi ithothobel­e, ikhwehlela. Uthe sebenethem­ba lokuthi umbiko wesidumbu sikayiseka­zi uzocacisa ukuze kungabi khona ukunukana emndenini mayelana nesigameko esenzekile.

Ngokusho kwakhe imbuzi yayithenge­lwe ukuhlabisa abakwamako­ti owayelethe umbondo.

“Thina sanikwa ikhanda nomgogodla abakwamako­ti owayelethe umbondo bathola ingxenye eyayisele.

“Imbuzi yaphekwa ngokuhluka­na, abakwamako­ti bacela ukuzipheke­la nabasekhay­a bayipheka sebesele bodwa. Kwagula abantu emindenini yomibili nasezihlot­sheni ezazikhona. Abantu abasindile abebengekh­o. Nami ngisinde ngoba bengisanda kuthola umsebenzi ngisemsebe­nzini. Silinde umbiko wesidumbu ngoba asifuni ukuthi kube nesimo sokunukana ngokuthaka­tha. Futhi sifuna kulandelek­e kuvele uma le mbuzi beyivele inenkinga lapho ithengwe khona. Achaze nozidayisa­yo ukuthi uyidayisa kanjani imbuzi ezobulala abantu,” kusho uBhengu.

Uthe lesi sigameko sibashiye beshaqekil­e ngoba bebengasil­indele futhi abakaze bahlangabe­zane nesifana naso.

UBhengu uthe balubikile udaba emaphoyise­ni. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa avule idokodo mayelana nalesi sigameko.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa