Isolezwe

UDhlomo uzolinda uphenyo ngolwezigu­li

-

kuneziguli ezihlukuny­ezwayo nezinukube­zwa ngokocansi.

“Ngifike kulesi sikhungo iDurban and Coastal Mental Health ukuzoveza ukungathok­ozi kwami ngezinsolo ezilokhu zivelile njalo ngale ndawo zokuthi kukhona ukungaphat­heki kahle kubantu bethu abakulenda­wo. Le ndawo akuyona engaphansi kukahulume­ni kodwa iyaluthola uxhaso lukahulume­ni ngaphansi koMnyango wezeMpilo noMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i,” kusho uDhlomo.

Uthe kulezi zinsolo esezivelil­e kube sekubakhon­a ukungenele­la kwezinhlok­o zeminyango yomibili ukuphenya ngezinsolo ezibekiwe.

UDhlomo uthe umbiko webhodi elibhekele ukwelashwa kwezifo ezithikame­za umqondo iMental Health Review Board waveza ukuthi kukhona okudingeka ukuthi kulandelel­we kulesiya sikhungo. Uthe yingakho etheleke mathupha ukuzozitho­lela kubaphathi baso ukuthi kwenzekani.

Uthe akazile ukuzophaza­misa uhlelo oseluqalil­e lokuphenya olusingeth­we yizinhloko zomnyango kodwa uzoqwashis­a laba abenza umsebenzi wokunakeke­la iziguli eziphazami­seke emqondweni ngokubalul­eka kokuqinise­kisa ukuthi benza izinto ngendlela efanele.

Uthe okubi ukuthi lezi ziguli azikwazi ukwenza njengeziny­e – zimfonele uma zihlangabe­zana nezinkinga ngenxa yendlela ezigula ngayo. Ebuzwa ngeminye imininingw­ane uthe bathemba ukuthi okuningi kuzovela ophenyweni.

UDhlomo uhambela lesi sikhungo nje sisanda kuhanjelwa ngokhulume­la ezempilo kwiDA, uDkt Imran Keeka othe kubaluleki­le ukuthi uDhlomo aye kulesi sikhungo ngenxa yezinsolo zokuhlukun­yezwa kweziguli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa