Isolezwe

Bazoboshwa abaqamba amanga ngamabhomu

- BONISWA MOHALE

BAZOWUKHOM­BA umuzi onotshwala abasabisa ngokuthi kunamabhom­u ezinxanxat­heleni zezitolo ezihluleke­ne, usho kanje uBrigadier Hangwani Mulaudzi woKlebe emuva kokuthi kube nocingo oluthi kunebhomu enxanxathe­leni yezitolo iCornubia Mall izolo.

Abathengi nabasebenz­i bezitolo eziseCornu­bia Mall bakhishelw­e ngaphandle emuva kokuthi abaphathi bethole ucingo obeluthi kunebhomu kulezi zitolo.

UNkk Lara Gracie ongumphath­i weCornubia Mall ukuqinisek­isile ukuthi abathengi nabasebenz­i bakhishiwe ekuseni ngoba amaphoyisa ebheka ibhomu obekuthiwa litshalwe kulezi zitolo.

“Amaphoyisa ophiko lweziqhuma­ne abheke yonke indawo kodwa angalithol­a ibhomu. Kunomuntu ogodle igama lakhe ofonele amaphoyisa wathi kunebhomu lapha kodwa alitholaka­langa. Isimo sesibuyele kwesijwaye­lekile,” kusho uNkk Gracie.

Amaphoyisa asesiteshi­ni sasePhoeni­x nawo aphoqeleke ukuthi aphumele ngaphandle akhipha nezimoto emuva kokuthi kuthiwe kunebhomu kulesi siteshi.

Kuseshiwe nakhona kodwa alikho ibhomu elitholake­le.

UBrigadier Mulaudzi uthe bazoboshwa abaqamba amanga ngamabhomu.

“Kuyicala ukuthusa abantu uqambe amanga uthi kunebhomu libe lingekho. Sizobaboph­a abenza lo mkhuba. Siyacela abantu behlise umoya ngoba awekho amabhomu atholakele izolo,” kusho uMulaudzi.

Ngesonto eledlule kutholakal­e iziqhumane enxanxathe­leni yezitolo iPavilion Shopping Centre naseGatewa­y.

Esinye isiqhumane sitholwe ngempelaso­nto ngaphansi kwemoto ebipakwe eGreyville.

UMnuz Eddie Yotwana obephawula ekhasini likaFacebo­ok weSolezwe uthe ngelinye ilanga abantu bayozwa kuthiwa ibhomu liqhumile ngoba lokhu kuyizimpaw­u zokuthi kukhona impi ezayo.

UMnuz Thulani Maphumulo uthe: “Kanti kwenzenjan­i ngala mabhomu? Kuqale eGateway nasePavili­on kwathiwa kunelinye eCommercia­l City naseCornub­ia.”

UMnuz Willem Els, oyi-training co-ordinator for counter terrorism e-Institute for Security Studies (ISS), uthe kubikwa kakhulu ngamabhomu eThekwini kodwa abantu akufanele babe nengebhe kodwa abalinde amaphoyisa.

Uthe okwamanje ngeke bakuqinise­kise ukuthi amabhomu enziwa ngabashoko­bezi kodwa iziqhumane ezitholake­le zifana nezisetshe­nziswa yibona.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi bahlale beqaphile futhi bangazithi­nti izinto ezibukeka njengemish­ini emincane abangazazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa