Isolezwe

Babanjwa inkunzi emini eNquthu

- INTATHELI YESOLEZWE

UMPHAKATHI waseNquthu wethuka izanya ngenxa yeqembu lezigebeng­u elidlangil­e elibamba abantu inkunzi emini ezingxenye­ni zasedolobh­eni baphucwe amakhadi asebhange namaselula.

Lezi zigebengu kukhalwa nangokuthi sezibhubhi­sile emzini eyakhele idolobha egqekezwa emini kuphinde kushaqwe izimpahla zabantu.

Izigameko zakamuva ezishiya umphakathi uthukile kube ezangoLwes­ibili kuleli sonto lapho kubenabath­athu ababeyizis­ulu zokubanjwa inkunzi bekhonjwe ngemimese.

“Siqale saxwaya kufika umfana waseSandlw­ane kwaHadebe ekhala esitshela ukuthi ubanjwe inkunzi iqeqebana labafana limbeke ummese entanyeni omunye bewubeke esiswini bethi akabanikez­e amakhadi asebhange neselula. Uthe ubephuma esitolo ngaseBamba­zonke ehamba emgwaqweni ongakwamas­ipala nobheke elokishini. Uthe laba bafana bamubuze ukuthi ithini inombolo eyimfihlo yokukhipha imali ,wathi akayazi ngoba ikhadi akusilona elakhe. Bavele bathi akafonele umnikazi wamakhadi ngoba uma engakwenzi lokho bazomgwaza. Lapho uthi abantu bebedlula emaceleni bengamleke­leli. Kuthe uma sebemdedel­ile wafika kithi wacela simfonisel­e udadewabo ukuba angalokoth­i ayisho iPin yakhe uma efonelwa ngoba izigebengu lezo esezimphuc­e konke kanye nemali yokugibela. Kuthe kusenjalo kwaba omunye wesifazane naye ophucwe amakhadi neselula . Lona uthe ungowakwaG­ama. Laba fana bayaziwa lapha eNquthu ngoba bahlala ezindlini ezibomvu okudayiswa kuzo ukudla okubizwa ngokuthi ugqoko namabhiya. Bona sekunesikh­athi beyenza lento ngoba siyibona ngabantu abasuke sebekhala bezocela sibagibeze mahhala. Siyayiqala thina lento eNquthu ngoba sijwayele ukwebiwa kwezinkomo hhayi ukubamba abantu inkunzi,” kusho omunye wabashayel­i bamatekisi ocele kugodlwe igama lakhe.

IMeya yaseNquthu, uMnuz Mabilabila Kunene, ithe bakhathaze­ke kakhulu ngokudlang­a kobugebeng­u eNquthu.

“Sengize ngabanomhl­angano naboMnyang­o wamaPhoyis­a ngicela basilekele­le bandise amaphoyisa azulazula edolobheni ukuze siqiniseki­se ukuthi umphakathi uphephile,” kusho uMabilabil­a.

Uqhube wathi kubaphatha kabi lokhu ngoba idolobha labo lihanjelwa izivakashi ezisuka emazweni aphesheya zilethe umnotho njengoba zisuke zivakashel­e izindawo zomlando okuyiseNco­me, eSandlwane naseMangen­i River Fall.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane uthe nakuba zingekho izigameko eziyamanis­wa nalobu bugebengu asebebikel­we ngazo kodwa banxusa umphakathi ukuba ubike emaphoyise­ni ngezehlaka­lo obhekana nazo.

“Siyacela ukuba umphakathi ukukhuthal­ele ukuyobika emaphoyise­ni uma kunezehlak­alo zobugebeng­u ezenzekayo ukuze abomthetho bakwazi ukusukuma,” kusho uZwane.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa