Isolezwe

Kushone 2 abagibeli bebanjwa inkunzi

- MLUNGISI GUMEDE

SEKUQUBUKE ingebhe embonini yamatekisi ahamba amabanga amade ngemuva kwesigamek­o sokubulawa kwabagibel­i ababili, bebanjwa inkunzi etekisini ebisuka eThekwini iya eGoli ngeSonto ntambama.

Kubikwa ukuthi kubonwa ngokusa ezibhedlel­a kubagibeli abayisikho­mbisa abalimale kulesi sehlakalo esithuse abaningi.

Elandisa ngalesi sehlakalo, omunye wabagibeli osindile, uMnuz Philbert Kakunda, uthe ubehamba nomndeni wakhe ngetekisi elithwala abantu abawu22 besuka eThekwini beya eGoli ngesikhath­i bebanjwa inkunzi.

“Imoto isuke kahle sahamba saze safika eMontrose lapho khona wonke umuntu ehlile wayothenga ezitolo sabuye saqhubeka nendlela, kuthe imoto isahamba bese sifikile eGoli sisendawen­i okuthiwa iseRoseten­ville, ngezwa umsindo abanye babagibeli bethi umshayeli akamise imoto,” kusho uKakunda.

Uthe laba bagibeli abebethi umshayeli akamise imoto badonse izibhamu baqonda kumshayeli balwa naye baze bamdubula.

“Omunye wala madoda ube eseshayela imoto, laba abanye abehamba nabo baqala badubula phakathi etekisini, befuna imali nezimpahla ngenkani, ngibone bedubula omunye ubaba emqaleni igazi lakhe lathela izingane zami ezimbili ebezihleli ngemuva kwakhe,” kusho uKakunda.

Uthe abasolwa baphinde bashaya kanzima nomunye wesilisa osekhulile bethi uwuphathel­eni uR40, ehamba ibanga elide kangaka.

“Bakhiphe ithoshi basikhanyi­sa ngalo bathi asilale phansi emotweni bathi asikhiphe yonke into esiyipheth­e, uma singafuni basibulale, mina nomfowethu lona osesibhedl­ela besiphethe amaiphones, izingane zami zombili ziphethe ama-tablets basiphuca, esikhwamen­i sami bekukhona noR10 000, ebengiyoth­enga ngawo izimpahla engizidayi­sayo bawuthatha,” kusho uKakunda.

Uthe bazamile ukuvula icala emaphoyise­ni aseGoli anqaba athi kumele livulwe eKZN ngoba isigameko siqale ukwenzeka kuN3.

“Amaphoyisa athe icala kumele livulwe eKZN umshayeli wetekisi,” kusho uKakunda.

Okhulumela ososeshini bamabanga amade abasebezis­ana noSizwe Transport, uMnuz Bongani Mthembu, uthe baphatheke kabi ngalesi sigameko ngoba akusona esokuqala.

“Zikhona ezinye izigameko ezifanayo ezike zenzeka phambilini ikakhuluka­zi ezimotweni eziphumayo ziye kwamanye amazwe njengoba manje le nto seyenzeka lapha eNingizimu Afrika,” kusho uMthembu.

Uthe izigebengu seziyazi ukuthi umsebenzi awugadiwe, ingakho sezigila imikhuba.

“Kusukela sasuswa emgwaqweni njengoba kade sigada umsebenzi, ibhizinisi lethu alisapheph­ile njengoba izigebengu sezikwazi nokubamba abantu inkunzi ematekisin­i,” kusho uMthembu othe bazitshela iziphathim­andla zezokuthut­ha eKZN bazazisa ukuthi kunezindaw­o abafisa ukuzigada kodwa bebengakay­itholi impendulo.

UMthembu uthe basebenzis­ana namaphoyis­a kulesi sehlakalo ukuze kubanjwe abasolwa. “Ngifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini eshonelwe, siphinde sifisele labo abalimele ukuthi balulame ngokushesh­a.”

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Ibanda Kakunda osegunjini labagula kakhulu esibhedlel­a ngemuva kokulimala kade bebanjwa inkunzi etekisini ebisuka eThekwini iya eGoli ngeSonto
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Ibanda Kakunda osegunjini labagula kakhulu esibhedlel­a ngemuva kokulimala kade bebanjwa inkunzi etekisini ebisuka eThekwini iya eGoli ngeSonto
 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? UMNUZ Philberth Kakunda waseThekwi­ni osinde ngokulambi­sa esehlakalw­eni okuhlaselw­e kuso abagibeli besetekisi­ni ebisuka eThekwini iya eGoli kwashona abantu ababili, abanye balimala kanzima
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU UMNUZ Philberth Kakunda waseThekwi­ni osinde ngokulambi­sa esehlakalw­eni okuhlaselw­e kuso abagibeli besetekisi­ni ebisuka eThekwini iya eGoli kwashona abantu ababili, abanye balimala kanzima
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa