Isolezwe

Badube izimvume osomabhizi­nisi

- PHILI MJOLI

BADUBE izimvume zokudayisa ema-tuckshop osomabhizi­nisi basemaloki­shini asenhla neTheku obekumele bazokwemuk­ela izimvume zabo, KwaMashu, izolo.

Labo somabhizin­isi bebegcwele ngaphandle kwehholo lakwaL KwaMashu, esikhundle­ni sokuthi bangene ehholo ebezokwemu­kela kulo izimvume ebezizokhi­shwa imeya kamasipala weTheku, uNkk Zandile Gumede, bame ngaphandle kwesango becula iziqubulo ezithi osomabhizi­nisi bangaphand­le abahambe.

Abanye bebesho kugcwale umlomo ukuthi akekho umuntu wangaphand­le kwaleli ozohweba ezindaweni zabo.

UMnuz Mandla Sibaya iphini likasihlal­o kasoseshin­i wosomabhiz­inisi basenhla neTheku, iNorth Region Business Associatio­n(NORBA) uthe ngeke bakwazi ukwamukela izimvume ekubeni bengawutho­langa umbiko ochaza ukuthi abantu bangaphand­le abahweba emalokishi­ni, abakumaphi amazwe, abanazo izimvume zokuba kuleli nokuthi basebenzis­a ziphi izindlela emabhizini­sini abo.

Uthe ngesikhath­i kuvakashel­wa izitolo abomnyango wezasekhay­a abakaze babe yingxenye yalolu cwaningo.Okwenza ukuthi babe manqikanqi­ka ukuthi lolu hlelo lwenziwe ngendlela engafanele.

Uthe babethe amabhizini­si abokufika kuleli avalwe, singabi khona isitolo esisha esivulwayo ngesikhath­i kusaqhutsh­ekwa nohlelo lokucwanin­ga kodwa umasipala wabashaya indiva.

Uthe uMnuz Mlu Ntombela obethunywe imeya yeTheku, abasazimis­ele ukukhuluma naye, nayo imeya uNkk Zandile Gumede, abasafuni ukukhuluma nayo, ngisho noNgqongqo­she wezoMnotho KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala abazimisel­e ukukhuluma naye bafuna uNdunankul­u.

UMnuz Sipho Kaunda usihlalo wekomiti lezokuthut­hukiswa komphakath­i kumasipala weTheku, uthe uhlelo lokuthi kubhekwe bonke osomabhizi­nisi lwenziwe kwaze kwafinyele­lwa esinqumeni sokuthi ababefake izicelo kuqala abangu-391 banikwe izimvume zabo.

UMnuz Thulani Nzama wophiko lwamabhizi­nisi lwakamasip­ala weTheku, uthe ngeke bakwazi ukunqabela osomabhizi­nisi bangaphand­le ukuthi basebenze emalokishi­ni ngoba lokho kuyaphamba­na nomthetho wezwe.

Lo mcimbi awubange usaqhubeka.UNdunankul­u uMnuz Willies Mchunu uthe usebize umhlangano ophuthumay­o wabo bonke abathintek­ayo, ukuze bazochaza ngohlelo lokwethula umbiko ngocwaning­o lamabhizin­isi abangaphan­dle okuthiwa seqiwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa