Isolezwe

ICosatu igqugquzel­e ukwesekwa kwezinye izinyunyan­a

- BONISWA MOHALE

ICOSATU igqugquzel­e ezinye izinyunyan­a ukuthi ziseke isiteleka sabasebenz­i bemboni yezicathul­o emuva kokudutshu­lwa kweziseben­zi ezinhlanu akade zibhikisha ngaphandle kwefemu yazo eseJacobs.

Izisebenzi Eva Industries naseHopewe­ll Industries zithe ngeke ziyeke ukuteleka kuze kube umqashi uzinyusela amaholo ngo-9.5% aqhubeke nokubanika imihlomulo.

Izolo uMnuz Zola Saphetha onguNobhal­a weNational Education, Health and Allied Workers Union (Nehawu), ukugxekile ukudutshul­wa kweziseben­zi esho nokuthi banelungel­o lokuteleke­la amaholo.

“Abasebenzi bebetoyiza ngaphandle kwefemu ngesikhath­i befuthwa ngesisi esikhalisa unyembezi bedutshulw­a ngezinhlam­vu zenjoloba. Akwamukele­kile ukuthi amaphoyisa adubule abantu lokhu sikubona kuyizindle­la zokubasabi­sa ukuthi bafune amaholo angcono,” kusho uSaphetha.

Ucele uhulumeni ukuthi angenelele ekutheni kungadayis­wa kakhulu izicathulo ezivela eChina ngoba kungena u-90% wazo ezitolo bese ezakuleli ziba wu-10%.

Esitatimen­deni uMnuz Sizwe Pamla okhulumela iCosatu kuzwelonke, ugqugquzel­e izinyunyan­a ukuthi ziseke isiteleka sabemboni yezicathul­o esho nokuthi zonke izinyunyan­a kufanele zisekane uma kunezitele­ka ezimbonini ezihlukene.

Siyaqhubek­a nesiteleka sezisebenz­i zefemu ekhiqiza insipho eseJacobs.

Siyaqhubek­a nesiteleka sezisebenz­i zaseposini njengoba inyunyana yabo ibisaxoxis­ana nabaqashi ngesiphaka­miso esisha.

Akukho okushintsh­ile ngesitelek­a sezisebenz­i zakwaEskom njengoba izinyunyan­a zisalinde ukuzwa ngomhlanga­no wazo noNgqongqo­she wezeziMali uMnuz Nhlanhla Nene uzoba nini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa