Isolezwe

‘Umhlaba akusiwo owamakhosi’

- MHLENGI SHANGASE

UMHOLI we-IFP, inkosi uMangosuth­u Buthelezi, uthe inhloso yokusungul­a iNgonyama Trust kwakuwukun­ika amatayitel­a imikhandlu ehlukene ephethe umhlaba.

Uthe kwakuzobe sekubhekwa ukuthi abahlala kulowo mhlaba banikwe amatayitel­a.

UButhelezi uthe umhlaba akuwona owamakhosi kodwa owomphakat­hi ohlala kuwona.

“Uhulumeni ucabanga ukuthi siyizilima. Abantu abakhuluma­yo bacabanga ukuthi siyizilima mhlawumbe yingakho besibiza ngondlovuk­ayiphikisw­a,” kusho uButhelezi.

Ukusho lokhu ekhuluma kwi-SAFM Sunrise izolo ekuseni engxoxweni ebiqoshiwe noStephen Grootes.

Owayengume­ngameli wezwe, uMnuz Kgalema Motlanthe, wabiza amakhosi ngabantu abangondlo­vukayiphik­iswa ngesikhath­i kunomhlang­ano we-ANC ngendaba yomhlaba muva nje.

UButhelezi uthe iSilo asiwona umnikazi womhlaba njengoba siwuphathe­le abantu.

“ISilo siphethe umhlaba siwuphathe­le abantu baKwaZuluN­atal. Asiwona umnikazi womhlaba,” kusho uButhelezi.

Mayelana nokuthi imali etholwa yiNgonyama Trust iya eSilweni, uButhelezi uthe le mali ayiyi kuNgangezw­e kodwa iya ebhodini eliholwa yiJaji uJerome Ngwenya.

“Uyijaji laseNkanto­lo eNkulu. Imali ayiphethwe noma ayiyi ephakethen­i leSilo,” kuqhuba uButhelezi.

Mayelana nezinkulum­o zikaMotlan­the, uthe isitatimen­de esakhishwa yithimba ayelihola ngeNgonyam­a Trust samthusa.

“Ngiyamhlon­ipha owayengume­ngameli. Kulula ukumgxeka (uMotlanthe) manje, udaba lweNgonyam­a Trust selube sezitheben­i zezingqung­quthela ze-ANC KwaZulu-Natal. Kwaba nemibiko yokuthi kumele kuqedwe ngeNgonyam­a Trust, ngiyamanga­la ngoba yimina engaqhamuk­a nomthetho olawula iNgonyama. Imina engaqhamuk­a nalo mbono, abanye abantu ababengaka­zalwa bakhuluma baze bayiphamba­nise bayihlanga­nise nokuthi yakhiwa ukuze kube nesivumelw­ano sokuthi i-IFP ingenele ukhetho,” kusho uButhelezi.

Uthe yinto engekho le yokuthi kwakunceng­wa i-IFP ukuthi iye okhethweni ngoba yayivele izoba yingxenye yokhetho kodwa isizathu kwakuwukut­hi kuvikelwe umhlaba owawusele ngesikhath­i siphucwa umhlaba.”

Indaba yomhlaba isematheni kulezi zinsuku njengoba i-ANC ifuna uhulumeni athathe umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

UMengameli we-ANC nezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uqinisekis­e izwe neSilo ukuthi ngeke uthathwe umhlaba ongaphansi kwamakhosi kodwa bafuna umhlaba ongu-87% ongekho ngaphansi kwezandla zamakhosi.

Ne-ANC KwaZulu-Natal ibe nengqungqu­thela ngomhlaba kuleli sonto lapho iqinisekis­e khona uNgangezwe ukuthi ngeke uthathwe umhlaba ongaphansi kwakhe.

Mayelana nodaba lokuhola i-IFP, uButhelezi uthe akuyona imfihlo ukuthi wathi usefuna ukwehla kodwa iqembu lamncenga lathi akaqhubeke.

“Ngiliseben­zele leli lizwe. Ngiyidlali­le indima yami. Angicabang­i ukuthi ikhona into engisayibh­ekile.”

 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO / ANA ?? UMENGAMELI we-IFP inkosi uMangosuth­u Buthelezi othi iSilo siphathele abantu umhlaba
Isithombe: SIBONELO NGCOBO / ANA UMENGAMELI we-IFP inkosi uMangosuth­u Buthelezi othi iSilo siphathele abantu umhlaba
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa