‘Ipolitiki ingumdlalo wokungcweka kwemiqondo’
KUYIQINISO elingephikwe yimuntu ukuthi ipolitiki yanamuhla ayisemnandi ngoba ihambisana nokuqhunyiswa kwezibhamu ezibulala abantu. Umuntu osukwa wusinga lokungena kwezepolitiki sekufanele abe ngusibindigidi ngoba kule politiki yesimanje kufanele uthi ugxoba itoyitoyi ubucuphe ngomasingcwabisane ngoba kuyafiwa.
Ngokomthetho, kufanele ngabe kade yavalwa ipolitiki ngoba abantu abamnyama iyabehlula ngenxa yokuyithatha ngezinhliziyo. Bambalwa abantu abampisholo abaqondayo ukuthi ipolitiki ingumdlalo wokungcweka kwemiqondo. Abantu bomdabu bazi ukuthi uma niphambana ngemibono yepolitiki sekusho ukuthi kufanele akugudluze ngenganono.
MaSolezwe, uVolos uyazibuza uyaziphendula ukuthi umuntu othi akayifuni ipolitiki uyobaleka acashe kuphi ngoba igcwele yonke indawo?
Ipolitiki isabalele yonke indawo ngoba ngisho nasemndenini lapho uzalwa khona kunepolitiki yakhona eqaqambisa ikhanda.
Ipolitiki yomndeni iyinkinga kakhulu ngoba kunzima ukuyibalekela ngoba yenziwa abantu abayigazi lakho nokungelula ukubashiya ubaleke uyohlala kwenye indawo.
Umndeni nomndeni unamashoshozela epolitiki yokuthakathana, uthola ukuthi umndeni awusangenelani ngenxa yamaxoki aqamba amanga athi usibanibani ubulawa ngusibanibani.
Indaba yepolitiki iyakhathaza ngoba uthi usacikwe yipolitiki yomndeni uthole ukuthi nasemsebenzini kunepolitiki yakhona ecasulayo.
Abantu abasebenzayo bazomfakazela uVolos uma ethi ayikho into eyicefe njengokuthi usebenze nabantu abangasebenzi umsebenzi kodwa abasebenza wena ngokuthi bakubophele amanqina enyathi okuthi uphelelwe umsebenzi.
Ezindaweni zokusebenza kuhlezi kunemisheshelengwana ehlezi efuna ukuzenza bahle ngamagama abanye abasebenzi. Uma ungumuntu onenhliziyo encane ungaze udube ushiye umsebenzi uma wehlulwa wukubekezelela ipolitiki yasemsebenzini.
Uma uzizwa ukuthi iyakucika yipolitiki yasemsebenzini akufanele uthathe ngamawala uthi uyayeka, usuyoba umculi wokholo noma okamasikandi. Nasemculweni kunepolitiki yakhona enzima eyenza umuntu athi ecula kodwa kubonakale ukuthi uyoze aguge eyisichaka.
Abaculi abaningi uhlangana nabo begqoke izicathulo ezigugile ngenxa yokuthi behluleka ukuqonda ukuthi idlalwa kanjani ipolitiki yasemculweni. Uma uthatha isinqumo sokungena emculweni kufanele uqale ngokuthola ulwazi lokuthi idlalwa kanjani ipolitiki yasembonini yezokungcebeleka.
Abantu abaningi banakho ukucabanga ukuthi uma sebehlulekile empilweni kungcono bathathe umsebenzi wobunyanga noma wobungoma ngoba ulula.
Umuntu owaziyo angakutshela ukuthi ebunyangeni nasebungomeni kunepolitiki enzima eyenza umuntu afise ukuthi akazange azifake kulo mkhakha uma esekhahlelwa yipolitiki yakhona.
Okuyinkinga ngepolitiki yasebunyangeni nasebungomeni wukuthi iyaphuphisana, uthole umuntu eseyinyangana ewumphuphe engalaphi muntu kanti ezinye inyanga sezimshaye ngepolitiki kwabola izikhwama zakhe zemithi.
MaSolezwe ngiyaphinda ngiyasho ngithi umuntu othi akayifuni ipolitiki udlala ngesikhathi sakhe ngoba nasothandweni kunepolitiki yakhona okungafanele uyizela ngobuso.
Abantu bakhala ngokuthi uthando alukho benziwa wukungaqondi ukuthi ngaphambi kokuthi ungene othandweni kufanele uqale uqonde ipolitiki yezothando.
Ipolitiki yezothando isabalele kakhulu ngoba amadoda ewodwa adlala ipolitiki enzima eshiya umuntu eyinkubela uma ewazela ngobuso.
Kwabona abesifazane badlala ipolitiki yezothando ekushiya ulele amankeyane uma ubathatha kancane. Ukube kuya ngokukaVolos, kufanele ngabe kuvulwa isikole somhabulo wepolitiki yothando ngoba abantu babhukuda edamini lothando bengahabulisiwe ngepolitiki enesihluku yasothandweni.