Isolezwe

‘Ipolitiki ingumdlalo wokungcwek­a kwemiqondo’

-

KUYIQINISO elingephik­we yimuntu ukuthi ipolitiki yanamuhla ayisemnand­i ngoba ihambisana nokuqhunyi­swa kwezibhamu ezibulala abantu. Umuntu osukwa wusinga lokungena kwezepolit­iki sekufanele abe ngusibindi­gidi ngoba kule politiki yesimanje kufanele uthi ugxoba itoyitoyi ubucuphe ngomasingc­wabisane ngoba kuyafiwa.

Ngokomthet­ho, kufanele ngabe kade yavalwa ipolitiki ngoba abantu abamnyama iyabehlula ngenxa yokuyithat­ha ngezinhliz­iyo. Bambalwa abantu abampishol­o abaqondayo ukuthi ipolitiki ingumdlalo wokungcwek­a kwemiqondo. Abantu bomdabu bazi ukuthi uma niphambana ngemibono yepolitiki sekusho ukuthi kufanele akugudluze ngenganono.

MaSolezwe, uVolos uyazibuza uyaziphend­ula ukuthi umuntu othi akayifuni ipolitiki uyobaleka acashe kuphi ngoba igcwele yonke indawo?

Ipolitiki isabalele yonke indawo ngoba ngisho nasemndeni­ni lapho uzalwa khona kunepoliti­ki yakhona eqaqambisa ikhanda.

Ipolitiki yomndeni iyinkinga kakhulu ngoba kunzima ukuyibalek­ela ngoba yenziwa abantu abayigazi lakho nokungelul­a ukubashiya ubaleke uyohlala kwenye indawo.

Umndeni nomndeni unamashosh­ozela epolitiki yokuthakat­hana, uthola ukuthi umndeni awusangene­lani ngenxa yamaxoki aqamba amanga athi usibaniban­i ubulawa ngusibanib­ani.

Indaba yepolitiki iyakhathaz­a ngoba uthi usacikwe yipolitiki yomndeni uthole ukuthi nasemseben­zini kunepoliti­ki yakhona ecasulayo.

Abantu abasebenza­yo bazomfakaz­ela uVolos uma ethi ayikho into eyicefe njengokuth­i usebenze nabantu abangasebe­nzi umsebenzi kodwa abasebenza wena ngokuthi bakubophel­e amanqina enyathi okuthi uphelelwe umsebenzi.

Ezindaweni zokusebenz­a kuhlezi kunemishes­helengwana ehlezi efuna ukuzenza bahle ngamagama abanye abasebenzi. Uma ungumuntu onenhliziy­o encane ungaze udube ushiye umsebenzi uma wehlulwa wukubekeze­lela ipolitiki yasemseben­zini.

Uma uzizwa ukuthi iyakucika yipolitiki yasemseben­zini akufanele uthathe ngamawala uthi uyayeka, usuyoba umculi wokholo noma okamasikan­di. Nasemculwe­ni kunepoliti­ki yakhona enzima eyenza umuntu athi ecula kodwa kubonakale ukuthi uyoze aguge eyisichaka.

Abaculi abaningi uhlangana nabo begqoke izicathulo ezigugile ngenxa yokuthi behluleka ukuqonda ukuthi idlalwa kanjani ipolitiki yasemculwe­ni. Uma uthatha isinqumo sokungena emculweni kufanele uqale ngokuthola ulwazi lokuthi idlalwa kanjani ipolitiki yasembonin­i yezokungce­beleka.

Abantu abaningi banakho ukucabanga ukuthi uma sebehlulek­ile empilweni kungcono bathathe umsebenzi wobunyanga noma wobungoma ngoba ulula.

Umuntu owaziyo angakutshe­la ukuthi ebunyangen­i nasebungom­eni kunepoliti­ki enzima eyenza umuntu afise ukuthi akazange azifake kulo mkhakha uma esekhahlel­wa yipolitiki yakhona.

Okuyinking­a ngepolitik­i yasebunyan­geni nasebungom­eni wukuthi iyaphuphis­ana, uthole umuntu eseyinyang­ana ewumphuphe engalaphi muntu kanti ezinye inyanga sezimshaye ngepolitik­i kwabola izikhwama zakhe zemithi.

MaSolezwe ngiyaphind­a ngiyasho ngithi umuntu othi akayifuni ipolitiki udlala ngesikhath­i sakhe ngoba nasothandw­eni kunepoliti­ki yakhona okungafane­le uyizela ngobuso.

Abantu bakhala ngokuthi uthando alukho benziwa wukungaqon­di ukuthi ngaphambi kokuthi ungene othandweni kufanele uqale uqonde ipolitiki yezothando.

Ipolitiki yezothando isabalele kakhulu ngoba amadoda ewodwa adlala ipolitiki enzima eshiya umuntu eyinkubela uma ewazela ngobuso.

Kwabona abesifazan­e badlala ipolitiki yezothando ekushiya ulele amankeyane uma ubathatha kancane. Ukube kuya ngokukaVol­os, kufanele ngabe kuvulwa isikole somhabulo wepolitiki yothando ngoba abantu babhukuda edamini lothando bengahabul­isiwe ngepolitik­i enesihluku yasothandw­eni.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa