Isolezwe

Ufuna ukudedela intsha emikhunjin­i

- ZANELE MTHETHWA

UFUNA ukushiya adedele intsha yakuleli emnyama ukaputeni wokuqala omnyama ukushayela umkhumbi iSA Aghulas 2, okuyiwo kuphela owazi ngokufohla naseqhweni. UCaptain Mfanafuthi Knowledge Bhengu (38) waseMlaza, waqala ngo-2013 ukushayela lo mkhumbi ngaphansi koMnyango wezeMvelo.

YiNingizim­u Afrika kuphela enalolu hlobo lomkhumbi osiza amanye amazwe ase-Afrika, ngocwaning­o lwezamanzi. UBhengu uthe uzibekele umgomo wokuthi ashiye emkhunjini uma eseneminya­ka engu-40. Ufuna ukushiya esebizwa ngodokotel­a njengoba enza iPhd kwiMaritim­e Studies.

“Kumele ngiphume ngidedele abanye abamnyama ngoba sengiwuqop­hile umlando. Ngizibona ngimele bonke abamnyama ngoba konke engikwenza­yo ngiphakami­sa igama labo. Anganelise­kile ukuthi sengiwukap­uteni kodwa ngisafunda futhi ngiyamenyw­a ukuzokhuth­aza intsha emalokishi­ni, “echaza.

Uthe uma eshiya emkhunjini ufuna ukungena emkhakheni wamabhizin­isi kwezamanzi. Ukhuthaza nentsha ukuthi ibheke amathuba kulo mkhakha. UBhengu ukhala ngokuthi intsha ibulawe ukuthi ilindele ukwenzelwa yonke into kanti kumele ifundiswe ukuzimela.

Ugxeka nabazali abakhombis­a uthando olweqile bangafundi­si izingane ukuthi zizijuluke­le. Uthe yena waqala eneminyaka elishumi ukukwazi ukuthenga isinkwa ngemali azibekele yona yize engakhulan­ga ehlupheka. Echaza ngomsebenz­i wakhe njengokapu­teni uthe ufana nomphathi wenkampani ngoba konke kubuzwa kuye.

“Asikho isikhathi sokuphumul­a ngike ngihambe amahora angaphezu kuka-36 emkhunjini. Ngivuswa nasebusuku uma kukhona abangakubo­ni kahle ngoba ukuphepha kubaluleki­le,” echaza.

UBhengu uzophinde aqophe umlando ngoJanuwar­i njengoba ezoba yingxenye yethimba elizokwenz­a ucwaningo e-Antarctica. Kuyocwanin­gwa nomkhumbi waseBritai­n owavalelek­a eqhweni eminyakeni engu-100 edlule. Uthe uzizwa ethobekile ukuthi uzoba yingxenye yaleli thimba elizoqopha umlando. Waphothula u-matric eZwelethu High wayokwenza izifundo zeMaritime eNatal Technikon esibizwa ngeDurban University of Technology. Waqala ukuqeqeshw­a yi-African Maritime Solution ngo-2002 washayela nemikhumbi yakhona. IKHASI ELIKHOKHEL­WE

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UCaptain Mfanafuthi Knowledge Bhengu (38) waseMlaza ongowokuqa­la omnyama ukushayela lo mkhumbi
Isithombe: DOCTOR NGCOBO UCaptain Mfanafuthi Knowledge Bhengu (38) waseMlaza ongowokuqa­la omnyama ukushayela lo mkhumbi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa