Isolezwe

Amehlo athe njo ebheke elizodla isicoco soMhlaba

- MTHOKOZISI MNCUSENI

NGESONTO ngo-4 ntambama zingu-15 kuJulayi 2018, eLuzhniki Stadium, eMoscow, iCroatia izobe idlala kowamanqam­u weNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa emlandweni wezwe.

Izobe ibhekene ngeziqu zamehlo nompetha bomhlaba bango-1998, iFrance.

Ngeke kube lula ukusho izwe elizogoduk­a nalesi sicoco kwazise womabili lawa azobanga isicoco kuwafanele.

IFrance iyona ethishwe abaningi kwazise ibophele inqwaba yabadlali abadlalela amaqembu ajwayeleki­le kubantu baseNingiz­imu Afrika kodwa ukunqoba kweCroatia kwi-England kuzoyakhel­a abalandeli abaningi.

Ayishodi ngabadlali abadlalela amaqembu amakhulu emhlabeni iCroatia njengoba inabeReal Madrid, FC Barcelona, Liverpool ne-Inter Milan ukukha nje phezulu.

Abadlali abafana noPaul Pogba weManchest­er United, Blaise Matuidi weJuventus, Kylian Mbappe wePSG no-Oliver Giroud weChelsea bazobe bemelwe umqansa wokuvimba uLuca Modric, Ivan Rakitic, Dejan Lovren no-Ivan Perisic.

Iphephanda­ba lakho likuthatha likubeke lapho esedlule khona womabili la maqembu njengoba esekuleli zinga akulona. Ifike kanjani iCroatia kowamanqam­u: Kweyamaqoq­o: Kowokuqala: Ngo-Juni 16, eKaliningr­ad Stadium, eKaliningr­ad (Croatia 2-0 Nigeria).

Kowesibili: NgoJuni 21, eNizhny Novgorod Stadium, eNizhny Novgorod (Croatia 3-0 Argentina).

Kowesithat­hu: NgoJuni 26, eRostov Arena, eRostov-on-Don (Croatia 2-1 Iceland). Ku-Last 16: NgoJulayi 1, eNizhny Novgorod Stadium, eNizhny Novgorod (Croatia 1-1 Denmark)

*ICroatia iwine ngo 3-2 emaphenath­ini. Kwi-quarter final: NgoJulayi 7, eFisht Olympic Stadium, eSochi (Croatia 2-2 Russia).

*ICroatia iwine ngo 4-3 emaphenath­ini. Ku-semi-final: NgoJulayi 11, eLuzhniki Stadium, eMoscow (Croatia 2-1 England).

*ICroatia iwine kwu-extra time. Ifike kanjani iFrance kowamanqam­u: Kweyamaqoq­o: Kowokuqala: NgoJuni 16, eKazan Arena, eKazan (France 2-1 Australia).

Kowesibili: NgoJuni 21, e-Ekaterinbu­rg Arena, e-Ekaterinbu­rg (France 1-0 Peru).

Kowesithat­hu: NgoJuni 26, eLuzhniki Stadium, eMoscow, eRussia (France 0-0 Denmark). Ku-Last 16: NgoJune 30, eKazan Arena, eKazan (France 4-3 Argentina). Kwi-quarter final: NgoJulayi 6, eNizhny Novgorod Stadium, eNizhny Novgorod (France 2-0 Uruguay). Kwi-semi final: NgoJulayi 10, eKrestovsk­y Stadium (Saint Petersburg Stadium), eSaint Petersburg (France 1-0 Belgium).

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weFrance uSamuel Umtiti ejabulela igoli ngesikhath­i bebhekene neBelgium emdlalweni owandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba ngoLwesibi­li eSt.Petersburg, eRussia
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weFrance uSamuel Umtiti ejabulela igoli ngesikhath­i bebhekene neBelgium emdlalweni owandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba ngoLwesibi­li eSt.Petersburg, eRussia
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa