Isolezwe

UKlate ujabule ngethuba lukubuyela ekhaya

- LUNGILE MAJOKA

ISIHLABANI somdlali waseNingiz­imu Afrika, uDaine Klate, sithi besingeke siliyeke ithuba lokubuyela “ekhaya” uma selivelile. UKlate (33) ungumdlali osenqobe izicoco eziningi zeligi kwiPremier Soccer League ekwenza lokho namaqembu ahlukene. Udle isicoco se-Absa Premiershi­p neSuperSpo­rt United kathathu, Orlando Pirates kabili, nesisodwa neBidvest Wits ebesigijim­a kuyona ngesizini edlule njengoba ezodlala kwiChippa United.

IChili Boys ezinze ePort Elizabeth ifana neqembu lasekhaya njengoba lo mdlali edabuka kuleli dolobha. Walifulath­ela esengumfan­yana eyofuna amadlelo aluhlaza eGoli. Udlale kwiSchool of Excellence ngaphambi kokujoyina iqembu lenkululis­a le-United.

“Eminyakeni eyisithuph­a edlule bengingaka­ze ngicabange ukuthi ngingaqede­lela ukudlala kwami ibhola ekhaya. Kodwa kuthe uma ithuba livela ngabona kungcono ukuthi ngilibambe okungenza ngijabule kakhulu,” kusho lo mdlali oyibamba kwesokunxe­le esiswini ngesikhath­i ekhuluma kuMhlobo Wenene FM.

IChippa ezobe iqeqeshwa uDan Malesela ngesizini ezayo ayigcinang­a ngoKlate ukusika. Imemezele noThabo Nthethe obeyibamba kwiMamelod­i Sundowns noJabulani Shongwe oke wadlala kwiWits ngaphambi kokuthi aye kwiLamontv­ille Golden Arrows ngesizini edlule. Bangu-15 abadllali abethulwe iChili Boys ngoLwesith­athu.

UMasilela uthe uzimisele ngokuzoqed­ela umsebenzi awushiya ngesikhath­i exoshwa ngesizini edlule. “Kwesinye isikhathi kunobudlel­wano ongeke ubuhlukani­se. Ngeke ngenze izethembis­o eziningi zangesizin­i ezayo kodwa sizozama okusemandl­eni. Singajabul­a uma singadlala ngaphandle kwelakulel­i bese sinqoba nesicoco,” ucashunwe kanje uMalisela ekhasini leChippa kwiTwitter.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa