Isolezwe

Iseyinkiya­nkiya eyePSL ne-Ajax

- ZAKHELE XABA

PHEZU kokuba usihlalo wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, ekuqinisek­isile ukuthi imidlalo ye-Absa Premiershi­p izoqala ngesikhath­i esibekiwe okuyimpela­sonto yokuqala ka-Agasti kodwa kungenzeka abalandeli bazithole kufanele balinde esinye isikhathi.

UKhoza ubekhuluma esithangam­ini nabezindab­a ebesikade sihlelwe ngemuva komhlangan­o wesigungu neNational Soccer League (NSL) Board of Governors esinamalun­gu awu-32 eSandton Convention Centre izolo.

Inhloso yokuhlala kwesigungu bekuwumuny­unga umhlahland­lela ngodaba oluhlangan­isa i-Ajax Cape Town nomgadli waseZimbab­we uTendai Ndoro. I-Ajax iphucwe amaphuzu emuva kokuthi u-Adv William Mokhari eyithole inecala lokudlalis­a uNdoro kungafanel­e. Lokho kuholele ekutheni yehlele kwiNationa­l First Division (NFD).

Nokho ijaji uDenise Fischer lithole ukuthi i-Ajax ayinalo icala, kufanele ibuyele kunombolo 15 kwi-log nokusho ukuthi kufanele idlale imidlalo yokuhlunga.

UKhoza izolo ukuqinisek­isile ukuthi bathathe isinqumo sokusiphik­isa isinqumo sikaFische­r kodwa waqiniseki­sa ukuthi ngeke luphazamis­eke usuku lokuqala kwemidlalo. Izolo leli phephandab­a libike ukuthi usihlalo we-Ajax, u-Ari Erfstathio­u, uzimisele ukuthi ime imidlalo inqobo nje uma bezizwa bengenelis­ekile ngesinqumo ngoba bazoqhubek­a nokuludlul­isela phambili udaba.

“I-Board of Governors ihlanganil­e nawo wonke amalunga angu-32. Udaba obelukade luphezulu olweAjax noNdoro. Ngokwamand­la esinikezwe wona yisigungu esiphezulu siphoqekil­e ukubanika umbiko ngokuthi sekuhambe kwafika kuphi ngalolu daba. Ekuqaleni ngishilo ukuthi sithathe isinqumo sokudlulis­a udaba nokuyinto obekufanel­e siyikhulum­e namalungu eBoard of Governors. Kufanele ngicacise ukuthi emuva kokubheka izizathu zokudlulis­a udaba, iBoard of Governors ibe nentshisek­elo yokuqonda ukuthi kuzokwenze­kani ngesizini.

“Sivumelene ngo-elethu ukuthi noma kwezenkani, imidlalo izoqala ngo-Agasti 4. Yonke imiqhudelw­ano izoqala njengoba kuhleliwe. Sivumelene ngokuthi kufanele kweziwe izinto ngokushesh­a.

“Ngikhuluma nje ithimba lethu lezomtheth­o limatasa nephini lenhloko yamajaji ukuthi bahlangane nalo ukuze lisize ukuxazulul­a lolu daba ngokushesh­a. Kodwa iBoard of Governors inawo amandla okuqeda lolu daba,” kusho uKhoza. “Kufanele futhi siye ejajini uFischer asinike ilungelo lokudlulis­a udaba. Uma lokho kuthatha isikhathi noma sihlulwa kuleli cala, sizoya kwiPlayers’ Status Committee ngokushesh­a. Amalungu akujabulel­e ukwazi ukuthi kungani sifuna ukuludluli­sela phambili udaba ngoba lokho kuhlangene nezinto zangaphaka­thi ijaji elikhulume ngazo”.

IFifa phambilini ithe iSafa inazo izinhlaka ezingakwaz­i ukuxazulul­a lolu daba.

“UNdoro ubengayixa­zulula le nto ngokwakhe ukuba waya kwiFifa Players’ Status Committee athole ukuthi isimo sakhe simi kanjani abuye azodlala esazi. Imithetho icacile. Ungakwazi ukubhalisa emaqenjini amathathu ngesizini eyodwa kodwa ungadlalel­a amabili kuphela,” kusho uKhoza.

 ??  ?? USIHLALO wePSL u-Irvin Khoza ekhuluma esithangam­ini nabezindab­a eSandton Convention Centre, eGoli, izolo ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X
USIHLALO wePSL u-Irvin Khoza ekhuluma esithangam­ini nabezindab­a eSandton Convention Centre, eGoli, izolo ntambama Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa